2 Korinte Chapter 5

For English

Read 2 Korinte Chapter 5 Online

Read 2 Korinte Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Korinte in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 Korinte and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

2 Korinte 5

Isahluko 5

1. Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.

2. Ngenxa yalokho siyabubula, silangazelela ukwelakanyiswa ngendlu yethu yasezulwini,

3. ngokuba sembethe yona, asiyikufunyanwa sihamba ze.

4. Ngokuba thina esisekhona kuleli dokodo sibubula, sisindwa, ngokuba asithandi ukwambulwa kodwa ukwelakanyiswa, ukuze okufayo kugingwe ngukuphila.

5. Kepha owasenzela khona lokho nguNkulunkulu owasipha isibambiso esinguMoya.

6. Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke, sazi ukuthi, nxa ikhaya lethu lise semzimbeni, sahlukene nekhaya eliseNkosini;

7. ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona;

8. simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini.

9. Ngalokho futhi, noma sisekhaya noma sahlukene nalo, sihlose ukuba sibe ngabathandeka kuye.

10. Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi.

11. Ngakho lokhu sikwazi ukwesaba iNkosi, siyabancenga abantu; kepha sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu sibonakalisiwe.

12. Asizincomi futhi kini, kodwa sininika ithuba lokuzibonga ngathi, ukuze nibe nakho okokuphendula abazibongayo ngokusemehlweni kungesikho okusenhliziyweni.

13. Ngokuba noma sigcwaneka, kungenxa kaNkulunkulu; noma sisangulukile, kungenxa yenu.

14. Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela, sikubona lokhu ukuthi munye owafela bonke; ngakho-ke bonke sebafa;

15. wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka.

16. Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.

17. Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.

18. Kepha konke kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana,

19. ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo, ebeka kithi izwi lokubuyisana.

20. Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”

21. Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.

About 2 Korinte Chapter 5

Read 2 Korinte Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Korinte in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 2 Korinte
Chapter: 5
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 Korinte. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 2 Korinte Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 2 Korinte Chapter 5?

2 Korinte Chapter 5 is part of the Book of 2 Korinte in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 2 Korinte Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 2-korinte

  1. 2 Korinte Chapter 4
  2. 2 Korinte Chapter 12
  3. 2 Korinte Chapter 3
  4. 2 Korinte Chapter 7
  5. 2 Korinte Chapter 9
  6. 2 Korinte Chapter 11
  7. 2 Korinte Chapter 6

Explore More from ITestamente Elisha

  1. 2 Korinte Chapter 3
  2. AmaRoma Chapter 8
  3. IzEnzo Chapter 14
  4. Marku Chapter 4
  5. Luka Chapter 3
  6. Luka Chapter 17
  7. Marku Chapter 5

Related Chapters & Readings

  1. Mathewu Chapter 23
  2. AmaHubo Chapter 106
  3. 1 AmaKhosi Chapter 13
  4. Luka Chapter 6
  5. Genesise Chapter 23
  6. 2 Thesalonika Chapter 2
  7. Daniyeli Chapter 2
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *