Isaya Chapter 30

For English

Read Isaya Chapter 30 Online

Read Isaya Chapter 30 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Isaya and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Isaya 30

Isahluko 30

1. “Wo kubantwana abahlubukileyo,” usho uJehova, “abenza iziluleko, kungengezami nokho, nabenza isivumelwano, kungengesomoya wami kodwa, ukuze bengeze isono esonweni,

2. abahamba ukuba behlele eGibithe, bengacelanga emlonyeni wami, baziqinise emandleni kaFaro, baphephele emthunzini waseGibithe!

3. Ngalokho amandla kaFaro ayakuba ngamahloni kini, ukuphephela kwenu emthunzini waseGibithe kube ngukudumala kini.

4. Ngokuba noma izikhulu zakhe ziseSowani, nezithunywa zakhe zifinyelela eHanesi,

5. bonke bayakuba namahloni ngabantu abangenakubasiza, abangenansizakalo nanzuzo, kepha bengamahloni nehlazo kuphela.”

6. Isiprofetho ngezilwane zaseNingizimu. Badabula izwe losizi nelokuhlupheka, lapha kuvela khona ibhubesi nebhubesikazi, ibululu nenyoka endizayo, bethwala imfuyo yabo emihlane yezimbongolo nengcebo yabo phezu kwamalunda amakamela bakuyise kubantu abangenansizakalo.

7. IGibithe lisiza ngeze nangento engelutho; ngalokho ngilibize ngokuthi iRahabi elihlezi lithule.

8. Manje hamba ukulobe phambi kwabo esibhebheni, ukubhale encwadini ukuba kube ngubufakazi besikhathi esizayo kuze kube phakade.

9. Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukuzwa umthetho kaJehova,

10. abathi kubaboni: “Ningabe nisabona,” nakubaprofethi: “Ningasiprofetheli okuqinisileyo, kepha khulumani kithina okuthophayo, niprofethe inkohliso;

11. phambukani endleleni, nichezuke emkhondweni, nimdedisele kithi oNgcwele ka-Israyeli.”

12. Ngalokho usho kanje oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “Njengokuba nilidelela leli zwi, nethemba kukho ukucindezela nakukho okuphambeneyo, nencike kukho,

13. ngalokho lobu bubi buyakuba njengokomfantu lapho sekuzakuwa, kuvokomele ogangeni oluphakemeyo, ukudilika kwalo kufike ngokuzumayo ngokuphazima kweso.

14. Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi, esichotshozwa singahawukelwa, kungabe kusatholakala phakathi kwezihlephu nodengezi lokuthatha umlilo eziko, nolokucakula amanzi emgodini.”

15. Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula, amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba; kepha anithandanga.

16. Kodwa nasho nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ ngalokho niyakubaleka: ‘Sikhwele anejubane,’ ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.

17. Inkulungwane iyakubaleka ngokusongela koyedwa; ngokusongela kwaba yisihlanu niyakubaleka, nize nishiywe njengensika esiqongweni sentaba nanjengebhanela phezu kwegquma.”

18. Ngalokho uJehova uyakulindela ukuba abe nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo.

19. Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho; lapho elizwa, uyakuphendula.

20. Noma iNkosi iyakukunika isinkwa sosizi namanzi okuhlupheka, abafundisi bakho abasayikucasha, kodwa amehlo akho ayakubabona abafundisi bakho,

21. nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.

22. Niyakujivaza okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva nesimbozo sezithombe zenu ezibunjiweyo zegolide; uyakuzihlakaza njengokungcolileyo, uthi kukho: “Suka lapha.”

23. Uyakunika imbewu yakho oyakuyihlwanyela emhlabathini imvula, aveze nesinkwa ezithelweni zomhlabathi oyakuvunda, uthele kakhulu; ngalolo suku izinkomo zakho ziyakuklaba emadlelweni abanzi.

24. Izinkabi nezimbongolo ezilima umhlabathi ziyakudla ukudla okuyolisiweyo, okweliweyo ngefosholo nangembenge.

25. Kuzo zonke izintaba eziphakemeyo nakuwo onke amagquma amade kuyakuba khona imifula nemifudlana yamanzi ngosuku lokuhlaba okukhulu, lapho kuyakuwa imibhoshongo.

26. Futhi ukukhanya kwenyanga kuyakuba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuyakuphindwa kasikhombisa njengokukhanya kwezimini eziyisikhombisa ngosuku uJehova abopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda zemivimbo yabo.

27. Bheka, igama likaJehova livela kude, livutha ngolaka lwakhe, linzima ngamafu; izindebe zakhe zigcwele intukuthelo, nolimi lwakhe lunjengomlilo oqothulayo;

28. ukuphefumula kwakhe kunjengomfula okhukhulayo, uze ufinyelele entanyeni, ukuhlunga izizwe ngesihlungo sokubhubhisa; itomu elidukisayo liyakuba semihlathini yezizwe.

29. Niyakuhlabelela njengasebusuku lapho kugujwa umkhosi, nithokoze ngenhliziyo njengalokhu kuhanjwa ngemitshingo kuyiwe entabeni kaJehova kulo iDwala lika-Israyeli.

30. UJehova uyakulizwakalisa izwi lakhe elidumileyo, abonakalise ukwehla kwengalo yakhe ngokuvutha kolaka lwakhe, nangelangabi lomlilo oqothulayo, ngesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.

31. Ngokuba ngezwi likaJehova i-Asiriya liyakushaywa luvalo, lapho elishaya ngenduku.

32. Kuyakuthi njalo lapho induku enqunyiweyo idlula, uJehova ayibeka phezu kwalo, kube ngezigubhu nangamahabhu, alwe nalo ngengalo enikiniweyo.

33. Indawo yokushisela kade yahlelwa, yebo, yalungiselwa nenkosi; uyenze yajula, yaba banzi; igoqo layo lingumlilo nezinkuni eziningi, nokuphefumula kukaJehova kunjengomfula wesibabule; kuyayokhela.

About Isaya Chapter 30

Read Isaya Chapter 30 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Isaya
Chapter: 30
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Isaya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Isaya Chapter 30 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Isaya Chapter 30?

Isaya Chapter 30 is part of the Book of Isaya in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Isaya Chapter 30 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Isaya

  1. Isaya Chapter 27
  2. Isaya Chapter 13
  3. Isaya Chapter 34
  4. Isaya Chapter 28
  5. Isaya Chapter 26
  6. Isaya Chapter 1
  7. Isaya Chapter 33

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Jobe Chapter 16
  2. AmaHubo Chapter 57
  3. Numeri Chapter 4
  4. Joshuwa Chapter 21
  5. Genesise Chapter 19
  6. Zakariya Chapter 5
  7. AbAhluleli Chapter 7

Related Chapters & Readings

  1. AmaHubo Chapter 61
  2. 2 IziKronike Chapter 32
  3. Genesise Chapter 35
  4. Jobe Chapter 31
  5. Daniyeli Chapter 9
  6. Hoseya Chapter 6
  7. 1 AmaKhosi Chapter 21
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *