Jeremiya Chapter 8

For English

Read Jeremiya Chapter 8 Online

Read Jeremiya Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jeremiya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jeremiya and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Jeremiya 8

Isahluko 8

1. “Ngaleso sikhathi, usho uJehova, bayakuwakhipha amathambo amakhosi akwaJuda, namathambo ezikhulu zakhe, namathambo abapristi namathambo abaprofethi, namathambo abakhileyo eJerusalema emathuneni abo,

2. baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.

3. Ukufa kuyakukhethwa kunokuphila yinsali yonke esele kulowo mndeni omubi, esele ezindaweni zonke, lapho ngiyixoshele khona, usho uJehova Sebawoti.’

4. “Futhi uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Abantu bayakuwa, bangabuyi basukume, na? Umuntu uyaphambuka, angabuyi aphenduke, na?

5. Bahlehlelani laba bantu baseJerusalema ngokuhlehla njalonjalo na? Babambelela enkohlisweni, bala ukubuya.

6. Ngaqaphela, ngezwa; abakhulumanga kahle; akakho ozisola ngobubi bakhe, ethi: “Ngenzeni na?” Bonke baphendukela emisebenzini yabo njengamahhashi aphulukundlela empini.

7. Nonogolantethe emkhathini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo, ihobhe, nenkonjane, nonohemu bagcina isikhathi sokufika kwabo, kepha abantu bami abazazi izahlulelo zikaJehova.

8. “ ‘Ningasho kanjani, nithi: “Sihlakaniphile, umthetho kaJehova unathi,” na? Impela bheka, uthi lokuloba lwamanga lwababhali lusebenzile okwamanga.

9. Abahlakaniphileyo bayakujabha, besabe, babhajwe; bheka, balilahlile izwi likaJehova, banokuhlakanipha kuni na?

10. Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye, namasimu abo kwabayakuwadla, ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhulu bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.

11. Bapholisa kalula ukulimala kwendodakazi yabantu bami, bathi: “Ngukuthula, ngukuthula;” kepha akukho ukuthula.

12. Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo, ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.

13. “ ‘Bengiyakubutha nokubutha,’ usho uJehova, ‘kepha azikho izithelo zomvini emvinini, namakhiwane emkhiwaneni; namaqabunga abunile; engibanikile khona kusukile kubo.’ ”

14. “Sihlalelani na? Buthanani, singene emizini ebiyelweyo, sibhubhe khona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usibhubhisile, wasiphuzisa amanzi enyongo, ngokuba sonile kuJehova.

15. Silindela ukuthula, kepha okuhle akukho, nesikhathi sokuphulukiswa, kepha bheka, luvalo.

16. Ukuthimula kwamahhashi akhe kuyezwakala kwaDani; ngezwi lokuyiyiza kwanamandla akhe izwe lonke liyathuthumela, ngokuba afikile, alidlile izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhe kuwo.”

17. “Ngokuba ngiyathuma kini izinyoka nawomantshingeyana abangenakulunjwa, bayakuniluma,” usho uJehova.

18. Alunakududuzeka kimi usizi oluphezu kwami, inhliziyo yami idangele.

19. Bheka, izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami livela ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Ayikho inkosi yalo kulo na?” “Bangicunuleleni ngezithombe zabo ezibaziweyo nangokuyize kwabezizwe na?”

20. “Ukuvuna kudlulile, ihlobo liphelile, kepha thina asisindiswanga.”

21. Ngokulimala kwendodakazi yabantu bami ngilimele; ngidabukile, ukumangala kungibambile.

22. Ibhalisamu alikho kwaGileyadi na? Inyanga ayikho lapho na? Pho, ayipheleliswa ngani impilo yendodakazi yabantu bami na?

About Jeremiya Chapter 8

Read Jeremiya Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jeremiya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Jeremiya
Chapter: 8
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jeremiya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Jeremiya Chapter 8 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Jeremiya Chapter 8?

Jeremiya Chapter 8 is part of the Book of Jeremiya in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Jeremiya Chapter 8 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 49
  3. AmaHubo Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 2
  6. AmaHubo Chapter 6
  7. AmaHubo Chapter 4

Explore More from Jeremiya

  1. Jeremiya Chapter 42
  2. Jeremiya Chapter 2
  3. Jeremiya Chapter 23
  4. Jeremiya Chapter 17
  5. Jeremiya Chapter 10
  6. Jeremiya Chapter 7
  7. Jeremiya Chapter 39

Related Chapters & Readings

  1. Eksodusi Chapter 13
  2. Jeremiya Chapter 47
  3. Hagayi Chapter 2
  4. Jobe Chapter 13
  5. 1 IziKronike Chapter 10
  6. Daniyeli Chapter 5
  7. 1 Korinte Chapter 6
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *