Isaya Chapter 47

For English

Read Isaya Chapter 47 Online

Read Isaya Chapter 47 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Isaya and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Isaya 47

Isahluko 47

1. “Yehla, uhlale othulini wena ntombi, ndodakazi yaseBabele, uhlale emhlabathini, kungekho sihlalo sobukhosi, wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile nokuthi uyatetema.

2. Thatha amatshe okugaya, ugaye impuphu, uyisuse imvakazi yakho, uwukhumule umhushuzo wakho, wambule umlenze, uwele imifula.

3. Ubuze bakho buyakwambulwa, yebo, ubunqunu bakho buyakubonakala; ngiyakuphindisa, ngingayeki muntu.

4. Igama loMhlengi wethu linguJehova Sebawoti, oNgcwele ka-Israyeli.

5. “Hlala uzithulele, ungene ebumnyameni, wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi iNkosikazi Yemibuso.

6. Ngabathukuthelela abantu bami, ngalingcolisa ifa lami, ngalinikela esandleni sakho; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.

7. Wathi wena: ‘Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo.’ Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga ukugcina kwazo.

8. “Manje yizwa lokhu wena ozijabulisayo, ohlala ulondekile, othi enhliziweni yakho: Yimi, akakho omunye; angiyikuhlalisa okomfelokazi, nokufelwa abantwana angiyikukwazi.

9. Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuwe ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa, kwabantwana nobufelokazi kufike phezu kwakho ngokugcweleyo phakathi kobuningi bamalumbo akho, nobuningi beziphonso zakho.

10. Wethembile ebubini bakho, wathi: ‘Akakho ongibonayo.’ Ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakho kukudukisile; wathi enhliziyweni yakho: ‘Yimi, akakho omunye.’

11. Kepha ububi buyakukwehlela, awuyikwazi lapho buvela khona; nengozi iyakuwela phezu kwakho, awuyikuba namandla okuyichezukisa, incithakalo ifike phezu kwakho ngokuzumayo, ungazi.

12. “Yima manje neziphonso zakho nobuningi bamalumbo akho okhandlekile kukho kwasebusheni bakho; mhlawumbe uyakusizakala, mhlawumbe uyakubanga uvalo.

13. Ukhathele ngobuningi bamacebo akho; mabasukume, bakusindise abadabula izulu, nababheka izinkanyezi, nabazisa ngezinyanga ezintsha ukuthi kuphi lapho kuzakuvela khona lokhu okuzakukwehlela.

14. Bheka, bayakuba njengamabibi ashiswa ngumlilo, abayikuzophula emandleni elangabi; akusilo ilahle lokotha, akusiwo umlilo wokuba kuhlalwe phambi kwawo.

15. Ziyakuba njalo kuwe izinto okhandleke kuzo, zihambisene nawe kwasebusheni bakho; seziyakuzulazula, kube yileyo naleyo ngendlela yayo, ekusindisayo ingabikho.

About Isaya Chapter 47

Read Isaya Chapter 47 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Isaya
Chapter: 47
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Isaya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Isaya Chapter 47 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Isaya Chapter 47?

Isaya Chapter 47 is part of the Book of Isaya in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Isaya Chapter 47 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Isaya

  1. Isaya Chapter 1
  2. Isaya Chapter 2
  3. Isaya Chapter 6
  4. Isaya Chapter 3
  5. Isaya Chapter 5
  6. Isaya Chapter 7
  7. Isaya Chapter 16

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Jeremiya Chapter 52
  2. IzAga Chapter 3
  3. 1 IziKronike Chapter 17
  4. Eksodusi Chapter 6
  5. 1 Samuweli Chapter 17
  6. AbAhluleli Chapter 9
  7. Hezekeli Chapter 4

Related Chapters & Readings

  1. Habakuki Chapter 1
  2. 2 IziKronike Chapter 23
  3. Mika Chapter 6
  4. 1 IziKronike Chapter 4
  5. Jobe Chapter 24
  6. Genesise Chapter 43
  7. 1 Thesalonika Chapter 3
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *