Read Levitikusi Chapter 24 Online
Read Levitikusi Chapter 24 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Levitikusi in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Levitikusi and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Levitikusi 24
Isahluko 24
1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2. “Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo agxotshelwe ukukhanyisa, ukuba izibani zivuthe njalonjalo.
3. Ngaphandle kwesihenqo sobufakazi etendeni lokuhlangana u-Aroni uyakuzilungisa njalo phambi kukaJehova, aqale kusihlwa kuze kuse; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu,
4. alungise njalo izibani othini olucwengekileyo phambi kukaJehova.
5. “Wothabatha impuphu ecolekileyo, upheke ngayo amaqebelengwane ayishumi nambili, iqebelengwane linye libe nokweshumi okubili.
6. Wowabeka izinqwaba ezimbili, ayisithupha abe senqwabeni inye etafuleni elicwengekileyo phambi kukaJehova.
7. Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo ezinqwabeni zombili, ibe yisikhumbuzo esinkweni nomnikelo womlilo kuJehova.
8. Amasabatha ngamasabatha uyakuzihlela phambi kukaJehova njalo; kungenxa yabantwana bakwa-Israyeli, kuyisivumelwano esiphakade.
9. Ziyakuba ngezika-Aroni nezamadodana akhe, bazidlele endaweni engcwele, ngokuba zingcwelengcwele, zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaJehova ngesimiso esiphakade.”
10. Indodana yowesifazane wakwa-Israyeli, uyise wayo engowaseGibithe, yaphuma yaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; indodana yowesifazane wakwa-Israyeli nomuntu wakwa-Israyeli baxabana ekamu;
11. indodana yowesifazane wakwa-Israyeli yahlambalaza iGama, yathuka; yalethwa kuMose. Igama likanina lalinguShelomiti indodakazi kaDibiri, owesizwe sakwaDani.
12. Bayifaka etilongweni ukuba batshelwe ngomlomo kaJehova.
13. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
14. “Mkhiphele ngaphandle kwekamu lowo othukile; bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe.
15. Uyakukhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo oqalekisa uNkulunkulu wakhe uyakuthwala isono sakhe.
16. Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, yonke inhlangano imkhande nokumkhanda ngamatshe; umfokazi noma owokuzalwa ekhaya, nxa ehlambalaza igama likaJehova, wobulawa.
17. “ ‘Oshaya umuntu aze afe wobulawa nokubulawa.
18. Oshaya inkomo ize ife uyakuyikhokha, kube ngukuphila ngokuphila.
19. Uma umuntu elimaza umakhelwane wakhe, njengalokho enzile yena kuyakwenziwa kanjalo kuye,
20. kube ngukwaphuka ngokwaphuka, neso ngeso, nezinyo ngezinyo; njengalokho elimazile umuntu, kanjalo kuyakwenziwa kuye.
21. Obulala inkomo woyikhokha; obulala umuntu wobulawa.
22. Niyakuba nomthetho munye kumfokazi nakowokuzalwa ekhaya; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”
23. UMose wakhuluma-ke kubantwana bakwa-Israyeli; bamkhiphela othukileyo ngaphandle kwekamu, bamkhanda ngamatshe. Abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose.
About Levitikusi Chapter 24
Read Levitikusi Chapter 24 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Levitikusi in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Levitikusi
Chapter: 24
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Levitikusi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Levitikusi Chapter 24 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Levitikusi Chapter 24?
Levitikusi Chapter 24 is part of the Book of Levitikusi in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Levitikusi Chapter 24 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Zefaniya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 1
- Ruthe Chapter 4
Explore More from levitikusi
- Levitikusi Chapter 15
- Levitikusi Chapter 8
- Levitikusi Chapter 9
- Levitikusi Chapter 26
- Levitikusi Chapter 12
- Levitikusi Chapter 14
- Levitikusi Chapter 19