Isaya Chapter 3

For English

Read Isaya Chapter 3 Online

Read Isaya Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Isaya and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Isaya 3

Isahluko 3

1. Ngokuba bheka, iNkosi uJehova Sebawoti iyasusa eJerusalema nakwaJuda uzime nodondolo, lonke uzime lwesinkwa nalo lonke uzime lwamanzi:

2. amaqhawe namadoda empi, abahluleli nabaprofethi, ababhuli namalunga,

3. izinduna zamashumi ayisihlanu nabantu abanodumo, abeluleki nezingcweti ezihlakaniphileyo, nabanolwazi lokulumba.

4. Ngiyakubanika abafana babe yizikhulu zabo, nezingane ziyakubabusa.

5. Abantu bayakucindezelana, kube yilowo nalowo, yebo, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; abantwana bayakubhensela abadala, nabadelelekileyo abanodumo.

6. Lapho umuntu eyakubamba umfowabo endlini kayise ethi: “Wena unengubo, yiba ngumbusi wethu, le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho,”

7. ngalona lolo suku uyakudazuluka athi: “Angiyikuba ngumelaphi, ngokuba endlini yami akukho sinkwa, akukho ngubo; ningangibeki umbusi wabantu.”

8. Ngokuba iJerusalema likhubekile, noJuda uwile, lokhu izilimi zabo nezenzo zabo ziphambene noJehova ukucunula amehlo enkazimulo yakhe.

9. Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo; benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli. Maye kuyo imiphefumulo yabo! Ngokuba bazenzele okubi.

10. Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye, ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.

11. Maye komubi! Kuyakuba kubi kuye, ngokuba uyakubuyiselwa izenzo zezandla zakhe.

12. Abantu bami-ke izingane ziyabacindezela, nabesifazane bayababusa. O bantu bami, abaniholayo bayanidukisa; bachitha indlela yemikhondo yakho.

13. UJehova usesukumile ukuyokulwa, umi ukuthetha amacala ezizwe.

14. UJehova uyakungena ekwahluleleni namalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi: “Yinina eniqedile isivini, impango yabampofu isezindlini zenu.

15. Nichobozeleni abantu bami, nigaye ubuso babampofu, na?” isho iNkosi uJehova Sebawoti.

16. Wathi futhi uJehova: “Ngenxa yokuba amadodakazi aseSiyoni eziphakamisa, ehamba elula izintamo, eqhikiza amehlo, ehamba ecokama ekuhambeni kwawo, ekhenceza ngezinyawo zawo,

17. ngalokho iNkosi iyakuzenza izimpandla izinkakhayi zamadodakazi aseSiyoni, uJehova awanqunise.”

18. Ngalolo suku iNkosi iyakususa imihlobiso yawo: izigqizo, nemiqhele, nezimbedu ezinjengenyanga,

19. neziqhaza, namasongo, nezimvakazi,

20. nezigqoko, nemihlobiso yemilenze, nezibhamba, nemifuma, neziqu,

21. nezindandatho, namacici ekhala,

22. nezambatho zemikhosi, nezangaphezulu, namatshali, nezinqalathi,

23. nezibuko, nelineni elicolekileyo, nemishuqulo, nezilembu.

24. Kuyakuthi esikhundleni samakha kube ngukubola, nasesikhundleni sebhande igoda, nasesikhundleni sezinwele ezilungisiweyo impandla, nasesikhundleni sesidiya isibhamba sendwangu yamasaka, nasesikhundleni sobuhle isishada.

25. Amadoda akho ayakuwa ngenkemba namaqhawe akho ngokulwa.

26. Amasango alo ayakukhala, alile; liyakuba yize, lihlale emhlabathini.

About Isaya Chapter 3

Read Isaya Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Isaya
Chapter: 3
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Isaya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Isaya Chapter 3 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Isaya Chapter 3?

Isaya Chapter 3 is part of the Book of Isaya in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Isaya Chapter 3 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Isaya

  1. Isaya Chapter 27
  2. Isaya Chapter 13
  3. Isaya Chapter 14
  4. Isaya Chapter 34
  5. Isaya Chapter 28
  6. Isaya Chapter 26
  7. Isaya Chapter 16

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Duteronomi Chapter 32
  2. Ezra Chapter 8
  3. Isaya Chapter 29
  4. Jobe Chapter 36
  5. Nehemiya Chapter 13
  6. AmaHubo Chapter 100
  7. AbAhluleli Chapter 8

Related Chapters & Readings

  1. Jobe Chapter 37
  2. IzAga Chapter 28
  3. Esteri Chapter 8
  4. IzEnzo Chapter 28
  5. Luka Chapter 2
  6. Marku Chapter 10
  7. IzEnzo Chapter 10
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *