Read Isaya Chapter 25 Online
Read Isaya Chapter 25 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Isaya and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Isaya 25
Isahluko 25
1. Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa, ngidumise igama lakho, ngokuba wenzile izimangaliso, namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.
2. Ngokuba wenzile umuzi waba yinqwaba, nomuzi obiyelweyo waba yincithakalo; indlu yamakhosi abafokazi ayiseyiwo umuzi, ayisayikwakhiwa futhi kuze kube phakade.
3. Ngalokho abantu abanamandla bayakukudumisa, imizi yezizwe ezinonya zikwesabe.
4. Ngokuba ubuyinqaba kwabampofu, inqaba kwabaswelayo ekucindezelweni kwabo, isiphephelo esivunguvungwini, umthunzi ekubaleleni, ngokuba umoya waba nonya, unjengesivunguvungu odongeni,
5. nanjengokushisa endaweni eyomileyo. Uyathobisa umsindo wabafokazi; njengokubalela ngomthunzi wefu, kanjalo ihubo labanonya liyakudanjiswa.
6. UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonke idili lokukhulupheleyo kule ntaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo.
7. Uyakuchitha kule ntaba ingaphandle lesimbozo esimboza abantu bonke, nomgubuzelo ogubuzela zonke izizwe.
8. Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke, ngokuba uJehova ukhulumile.
9. Kuyakuthiwa ngalolo suku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simhlalele, uyakusisindisa; lo unguJehova; simhlalele; siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe.”
10. Ngokuba kule ntaba isandla sikaJehova siyakuphumula, noMowabi uyakunyathelwa phansi endaweni yakhe njengotshani bunyathelwa emgodini womquba.
11. Noma elula izandla zakhe phakathi kwawo njengohlambayo elula ukuba ahlambe, uyakuthobisa ukuziphakamisa kwakhe kanye nobuhlakani bezandla zakhe.
12. Izinqaba eziphakemeyo zezingange zakho uyakuzibhidliza, azithobise, azenze ukuba zithintane nomhlabathi nothuli.
About Isaya Chapter 25
Read Isaya Chapter 25 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Isaya
Chapter: 25
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Isaya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Isaya Chapter 25 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Isaya Chapter 25?
Isaya Chapter 25 is part of the Book of Isaya in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Isaya Chapter 25 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Isaya
- Isaya Chapter 27
- Isaya Chapter 13
- Isaya Chapter 14
- Isaya Chapter 28
- Isaya Chapter 26
- Isaya Chapter 16
- Isaya Chapter 1
Explore More from ITestamente Elidala
- AbAhluleli Chapter 14
- Isaya Chapter 51
- Genesise Chapter 5
- Hagayi Chapter 2
- Nehemiya Chapter 4
- Duteronomi Chapter 29
- Hezekeli Chapter 31