Isaya Chapter 9

For English

Read Isaya Chapter 9 Online

Read Isaya Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Isaya and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

A+ A A-

Isaya 9

Isahluko 9

1. Kepha ukuhwelela akuyikuba khona kohluphekayo. Njengesikhathi esidlule senza ukuba kufiliswe izwe lakwaZebuloni nezwe lakwaNafetali, isikhathi esizayo siyakwenza ukuba ikhazimule indlela yolwandle ngaphesheya kweJordani, isifunda sabezizwe.

2. Abantu abahamba ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; abahlezi ezweni lethunzi lokufa ukukhanya kuyabakhanyisela.

3. Uyakwandisa isizwe, ukhulise intokozo yaso; bathokoza phambi kwakho njengokuthokoza ekuvuneni, njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.

4. Ngokuba ijoka lomthwalo wabo, nenduku yamahlombe abo, noswazi lomhluphi wabo uyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani.

5. Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulwa nezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa, zidliwe ngumlilo. 9:5 AmaH. 46:9.

6. Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.

7. Umbuso uyakuba mkhulu, ukuthula kungabi nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.

8. INkosi ithume izwi kuJakobe, lehlela kwa-Israyeli.

9. Bonke abantu bayakwazi, u-Efrayimi nabakhe eSamariya, abasho ekuziphakamiseni kwabo nasekuziqhenyeni kwenhliziyo ukuthi:

10. “Izitini ziwile, kepha siyakwakha ngamatshe abaziweyo; imithombe igawuliwe, kepha siyakutshala imisedari ezikhundleni zayo.”

11. UJehova uyabaphakamisela izitha zikaResini, ahlomise abamelene nabo,

12. i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva, bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.

13. Abantu ababuyelanga nokho kobashayileyo, futhi abamfunanga uJehova Sebawoti.

14. Ngalokho uJehova uyanquma kwa-Israyeli ikhanda nomsila, igatsha lesundu nomhlanga, ngalusuku lunye.

15. Ilunga nophakemeyo bayikhanda, nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.

16. Ngokuba abahola laba bantu bayabadukisa, nabaholwa yibo bayagwinywa.

17. Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo, ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo, ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi, nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.

18. Ngokuba ububi bushisa njengomlilo, buqeda amakhakhasi nameva, buthungela ezihlahleni zamahlathi, zize zifuquke insika yomusi.

19. Ngentukuthelo kaJehova Sebawoti izwe lishisiwe; abantu bangukudla komlilo, akakho osindisa umfowabo.

20. Umuntu uyahlwitha ngakwesokunene, abe esalambile nokho, adle ngakwesokhohlo, kepha angasuthi; bayakudla, kube yilowo nalowo inyama yengalo yakhe,

21. uManase u-Efrayimi, no-Efrayimi uManase, bobabili basukele kanyekanye uJuda; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.

About Isaya Chapter 9

Read Isaya Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Isaya
Chapter: 9
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Isaya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Isaya Chapter 9 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Isaya Chapter 9?

Isaya Chapter 9 is part of the Book of Isaya in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Isaya Chapter 9 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Isaya

  1. Isaya Chapter 27
  2. Isaya Chapter 13
  3. Isaya Chapter 34
  4. Isaya Chapter 28
  5. Isaya Chapter 26
  6. Isaya Chapter 16
  7. Isaya Chapter 7

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Mika Chapter 1
  2. Isaya Chapter 52
  3. 1 AmaKhosi Chapter 4
  4. Hoseya Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 49
  6. 1 IziKronike Chapter 7
  7. Genesise Chapter 46

Related Chapters & Readings

  1. Hezekeli Chapter 21
  2. Levitikusi Chapter 9
  3. AbAhluleli Chapter 13
  4. 2 IziKronike Chapter 14
  5. Numeri Chapter 25
  6. Zakariya Chapter 12
  7. AmaHubo Chapter 90
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *