Eksodusi Chapter 34

For English

Read Eksodusi Chapter 34 Online

Read Eksodusi Chapter 34 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Eksodusi in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Eksodusi and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Eksodusi 34

Isahluko 34

1. UJehova wathi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngilobe ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphulayo.

2. Mawube usulungele kusasa, ukhuphukele entabeni yaseSinayi ekuseni, ume khona phambi kwami esiqongweni sentaba.

3. Akuyikukhuphuka muntu nawe, kungabonakali muntu entabeni yonke, futhi kungaklabi zimvu nazinkomo ngaphambi kwaleyo ntaba.”

4. Wayesebaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala; uMose wavuka ekuseni kakhulu, wakhuphukela entabeni yaseSinayi, njengalokho uJehova emyalile; waphatha ngesandla sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe.

5. UJehova wehla ngefu, wema naye lapho, wamemezela igama likaJehova.

6. UJehova wadlula phambi kwakhe, wamemeza wathi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso,

7. ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.”

8. UMose washesha wakhothamela emhlabathini, wakhuleka.

9. Wathi: “Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, iNkosi mayihambe iphakathi kwethu, ngokuba bangabantu abantamo ilukhuni; usithethelele ububi bethu nokona kwethu, usithabathe sibe yifa lakho.”

10. Wayesethi: “Bheka, ngiyenza isivumelwano; phambi kwabantu bonke bakho ngiyakuzenza izimangaliso ezingazange zenziwe emhlabeni wonke nakusiphi isizwe; bonke abantu okhona phakathi kwabo bayakuwubona umsebenzi kaJehova, ngokuba kuyesabeka lokhu engikwenza kuwe.

11. Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla: bheka, ngixosha phambi kwakho ama-Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.

12. Xwaya ukuba ungasenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo, funa babe lugibe kuwe.

13. Kepha niyakuwadiliza ama-altare abo, niziphahlaze izinsika zabo, nibagawule o-Ashera babo,

14. ngokuba awuyikukhonza omunye unkulunkulu, lokhu uJehova, igama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu,

15. funa wenze isivumelwano nabakhileyo ezweni, baye baphinge nawonkulunkulu babo, bahlabele onkulunkulu babo, omunye akumeme, udle umhlatshelo wakhe,

16. uthathele amadodana akho amadodakazi abo, amadodakazi abo aye aphinge nawonkulunkulu babo, enze ukuba amadodana akho aye aphinge nawonkulunkulu babo.

17. “Awuyikuzenzela onkulunkulu ababunjiweyo.

18. “Umkhosi wesinkwa esingenamvubelo wowugcina. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba ngenyanga ka-Abibi waphuma eGibithe.

19. “Konke okuvula isizalo kungokwami, nawo onke amaduna ezinkomo zakho, amazibulo ezinkomo nawezimvu.

20. Kepha izibulo lembongolo wolihlenga ngewundlu; uma ungalihlengi, ulaphule intamo. Amazibulo onke amadodana akho wowahlenga, kungabonakali muntu phambi kwami engaphethe lutho.

21. “Wosebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa; uyakuphumula ngesikhathi sokulima nangokuvuna.

22. “Uyakugcina umkhosi wamasonto, owolibo lukakolweni ovuniweyo, nomkhosi wokuvuna ngasekupheleni komnyaka.

23. Kathathu ngomnyaka abesilisa bakho bonke bayakubonakala phambi kweNkosi uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli.

24. Ngokuba ngiyakuxosha izizwe phambi kwakho, ngandise imikhawulo yakho; akuyikubakho muntu olifisa izwe lakho, nxa ukhuphuka uya ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kathathu ngomnyaka.

25. “Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo womkhosi wephasika kuze kuse.

26. “Izandulela zolibo lwezwe lakho woziyisa endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.”

27. UJehova wathi kuMose: “Zilobele lawa mazwi, ngokuba ngokwalawa mazwi ngenzile isivumelwano nawe nabakwa-Israyeli.”

28. Wayelapho noJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, kadlanga lutho, kaphuzanga manzi. Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo eyishumi.

29. Kwathi uMose esehla entabeni yaseSinayi, izibhebhe zombili zobufakazi zisesandleni sikaMose esehla entabeni, uMose wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula ngenxa yokukhuluma kwakhe naye.

30. Bathi u-Aroni nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bembona uMose, bheka, isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula, besaba ukusondela kuye.

31. UMose wayesebabiza; u-Aroni nazo zonke izinduna zenhlangano babuyela-ke kuye; uMose wayesekhuluma kubo.

32. Ngasemuva bonke abantwana bakwa-Israyeli basondela, wabayala ngakho konke uJehova akukhulume kuye entabeni yaseSinayi.

33. UMose eseqedile ukukhuluma nabo, wafaka iveli ebusweni bakhe.

34. Kepha uMose esezakungena phambi kukaJehova ukukhuluma naye, walikhumula iveli waze waphuma; waphuma, wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli lokho akuyalelweyo.

35. Abantwana bakwa-Israyeli babubona ubuso bukaMose ukuthi isikhumba sobuso bukaMose sasikhazimula; uMose wayesebuye walifaka iveli ebusweni bakhe waze wangena ukuyokhuluma naye.

About Eksodusi Chapter 34

Read Eksodusi Chapter 34 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Eksodusi in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Eksodusi
Chapter: 34
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Eksodusi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Eksodusi Chapter 34 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Eksodusi Chapter 34?

Eksodusi Chapter 34 is part of the Book of Eksodusi in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Eksodusi Chapter 34 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Eksodusi

  1. Eksodusi Chapter 29
  2. Eksodusi Chapter 6
  3. Eksodusi Chapter 28
  4. Eksodusi Chapter 9
  5. Eksodusi Chapter 4
  6. Eksodusi Chapter 39
  7. Eksodusi Chapter 1

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Amose Chapter 1
  2. 1 Samuweli Chapter 6
  3. Jobe Chapter 15
  4. 2 IziKronike Chapter 16
  5. AmaHubo Chapter 35
  6. 2 AmaKhosi Chapter 15
  7. Duteronomi Chapter 21

Related Chapters & Readings

  1. AmaRoma Chapter 9
  2. 2 IziKronike Chapter 5
  3. Genesise Chapter 7
  4. IzAga Chapter 11
  5. AmaHubo Chapter 75
  6. 1 Samuweli Chapter 11
  7. IzAga Chapter 24
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *