Read Ezra Chapter 1 Online
Read Ezra Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Ezra in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Ezra and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Ezra 1
Isahluko 1
1. Ngomnyaka wokuqala kaKoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba kufezeke izwi likaJehova, ngomlomo kaJeremiya uJehova wavusa umoya kaKoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba amemezele embusweni wakhe wonke, alobe futhi ngokuthi:
2. “Usho kanje uKoresi inkosi yasePheresiya, uthi: “ ‘UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda.
3. Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu wakhe makabe naye, akhuphukele eJerusalema lakwaJuda, akhe indlu kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, yena onguNkulunkulu waseJerusalema.
4. Bonke abaseleyo, nakuziphi izindawo lapho begogobele khona, mabasizwe ngabantu bendawo yabo ngesiliva, nangegolide, nangempahla, nangezinkomo kanye nomnikelo wesihle wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema.’ ”
5. Kwase kusuka izinhloko zawoyise bakwaJuda noBenjamini, nabapristi, namaLevi, bonke abamoya wabo uNkulunkulu ayewuvusile ukuba bakhuphuke bakhe indlu kaJehova eseJerusalema.
6. Bonke ababazungezayo basekela izandla zabo ngezitsha zesiliva, nangegolide, nangempahla, nangezinkomo, nangamagugu, kanye nakho konke okwanikelwa ngakho ngenhliziyo.
7. UKoresi inkosi wakhipha izinto zendlu kaJehova, uNebukadinesari ayezikhiphile eJerusalema wazibeka endlini yawonkulunkulu bakhe,
8. yebo, zona uKoresi inkosi yasePheresiya wazikhipha ngesandla sikaMithiredati umphathisikhwama, wazibalela kuSheshebasari isikhulu sakwaJuda.
9. Nanku umumo wazo: izingqwembe ezingamashumi amathathu zegolide, nezingqwembe eziyinkulungwane zesiliva, nawomese abangamashumi amabili nesishiyagalolunye,
10. nezindebe ezingamashumi amathathu zegolide, nezindebe zesiliva zohlobo lwesibili ezingamakhulu amane neshumi, nezinye izitsha eziyinkulungwane.
11. Zonke izitsha zegolide nezesiliva zaziyizinkulungwane eziyisihlanu namakhulu amane. Zonke lezo uSheshebasari wazikhuphula ekukhushulweni kwabathunjwa eBabele ukuya eJerusalema.
About Ezra Chapter 1
Read Ezra Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Ezra in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Ezra
Chapter: 1
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Ezra. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Ezra Chapter 1 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Ezra Chapter 1?
Ezra Chapter 1 is part of the Book of Ezra in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Ezra Chapter 1 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Ezra
Explore More from ITestamente Elidala
- IzAga Chapter 27
- AmaHubo Chapter 67
- AbAhluleli Chapter 8
- Jeremiya Chapter 32
- Hezekeli Chapter 48
- AmaHubo Chapter 28
- Duteronomi Chapter 3