Read 1 Korinte Chapter 8 Online
Read 1 Korinte Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Korinte in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 Korinte and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
1 Korinte 8
Isahluko 8
1. Maqondana nokuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinokwazi. Ukwazi kuyakhukhumeza, kepha uthando luyakha.
2. Uma umuntu ethi wazi utho, kakazi njengokuba kufanele ukuba azi;
3. kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.
4. Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.
5. Ngokuba noma kukhona okuthiwa onkulunkulu, nokuba kusezulwini nokuba kusemhlabeni, njengokuba bakhona onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi,
6. nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.
7. Kepha lokho kwazi akukho kubo bonke. Kodwa abanye, lokhu bejwayelene nezithombe kuze kube manje, bakudla njengokuhlatshelwe isithombe, nonembeza wabo obuthakathaka uyangcola.
8. Kepha ukudla akusisondezi kuNkulunkulu; ngokuba noma singadli, asilahlekelwa lutho; noma sidla, asizuzi lutho.
9. Qaphelani kodwa, funa leli lungelo lenu libe yisikhubekiso kwababuthakathaka.
10. Ngokuba uma umuntu ekubona wena onokwazi uhlezi ekudleni ethempelini lesithombe, unembeza walowo osebuthakathaka akayikududeka yini, aze adle okuhlatshelwe isithombe, na?
11. Khona obuthakathaka useyabhubha ngenxa yokwazi kwakho, engumzalwane amfelayo uKristu.
12. Kanjalo uma nona kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, niyona kuKristu.
13. Ngalokhu uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngadla nyama kuze kube phakade, ukuze ngingamkhubekisi umzalwane wami.
About 1 Korinte Chapter 8
Read 1 Korinte Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Korinte in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 1 Korinte
Chapter: 8
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 Korinte. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 1 Korinte Chapter 8 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 1 Korinte Chapter 8?
1 Korinte Chapter 8 is part of the Book of 1 Korinte in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 1 Korinte Chapter 8 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 1 Korinte
- 1 Korinte Chapter 1
- 1 Korinte Chapter 11
- 1 Korinte Chapter 5
- 1 Korinte Chapter 3
- 1 Korinte Chapter 15
- 1 Korinte Chapter 4
- 1 Korinte Chapter 13
Explore More from ITestamente Elisha
- Johane Chapter 2
- Marku Chapter 5
- Mathewu Chapter 11
- Johane Chapter 10
- Luka Chapter 9
- Marku Chapter 3
- 2 Thesalonika Chapter 2