Duteronomi Chapter 32

For English

Read Duteronomi Chapter 32 Online

Read Duteronomi Chapter 32 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Duteronomi in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Duteronomi and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Duteronomi 32

Isahluko 32

1. “Bekani indlebe nina mazulu, ngiyakukhuluma; umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.

2. Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula, inkulumo yami ichiche njengamazolo, njengomkhizo ohlazeni, nanjengezihlambi etshanini,

3. ngokuba ngiyakumemezela igama likaJehova: mnikeni uNkulunkulu wethu ubukhulu.

4. “Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.

5. “Bonile kuye; abasibo abantwana bakhe, kuyisici sabo; bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.

6. UJehova nimvuza kanjalo nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na? Akasiye uyihlo owakudala na? Wakwenza, wakubumba.

7. “Khumbula izinsuku zasendulo, ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane; buza kuyihlo, uyakukulandisa, nasemalungeni akho, akutshele.

8. Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo, lapho wahlukanisa abantwana babantu, wamisa imikhawulo yezizwe njengokomumo wabantwana bakwa-Israyeli.

9. Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; uJakobe uyisiqephu sefa lakhe.

10. “Wamfumana ezweni eliyihlane, nasoqwatheni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.

11. Njengokhozi olunyakazisa isidleke salo, lubhakuza phezu kwamazinyane alo, wawelula amaphiko akhe, wabathatha, wabathwala ngezimpaphe zakhe.

12. UJehova yedwa wamhola, akwabakho unkulunkulu wabezizwe naye.

13. “Wamkhwelisa ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, wadla izithelo zamasimu, wammuncisa izinyosi edwaleni, namafutha eweni lensengetsha,

14. namangqanga ezinkomo, nobisi lwezimvu, namafutha amawundlu, nezinqama zohlobo lwaseBashani, nezimbuzi, namanoni omongo kakolweni; egazini lezithelo zomvini waphuza iwayini.

15. “UJeshuruni wayesekhuluphala, wakhaba; usukhuluphele, uzimukile, uchachambile; wayesemshiya uNkulunkulu owamenza, walidelela iDwala lensindiso yakhe.

16. Bamvusela umhawu ngawonkulunkulu babezizwe, bamthukuthelisa ngezinengiso.

17. “Bahlabela amademoni angesibo onkulunkulu, onkulunkulu ababengabazi, onkulunkulu abasha, abasand'ukuqhamuka, ababengesatshwa ngoyihlo.

18. IDwala elakuzalayo awusalinakekeli, ukhohliwe uNkulunkulu owakudalayo.

19. “UJehova wakubona, wanengwa yibo, ngenxa yokuncokoloza kwamadodana akhe namadodakazi akhe.

20. Wayesethi: ‘Ngiyakubafihlela ubuso bami, ngibone ukugcina kwabo ukuthi kuyakuba yini; ngokuba bayisizwe esiphambeneyo, abantwana okungekho kubo ukukholwa.

21. Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisile ngamaze abo; ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.

22. Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uqede umhlaba nezithelo zawo, wokhele izisekelo zezintaba.

23. “ ‘Ngiyakubanqwabelela izinhlupheko, ngiqedele imicibisholo yami phezu kwabo.

24. Bayakuphela indlala, baqedwe ngukushisa komzimba, nayisifo esibuhlungu, ngibathumele amazinyo ezilwane, kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.

25. Ngaphandle inkemba iyakwaphuca, ingebhe phakathi emakamelweni: izinsizwa nezintombi, oncelayo kanye nempunga.

26. Bengiyakuthi: “Ngiyakubaphephula, ngiqede inkumbulo yabo kubantu,”

27. uma bengingesabi ukuncokoloza kwezitha, funa abamelene nabo baduke, funa bathi: “Isandla sethu siphakeme, uJehova akenzanga konke lokhu.” ’

28. “Ngokuba bayisizwe esimasu aso aphelile, akukho ukuqonda kubo.

29. Sengathi nga behlakaniphile ukuba bakuqonde lokho, bazindle ngokugcina kwabo.

30. Emunye angaxosha kanjani inkulungwane; ababili bangabhengula kanjani izinkulungwane eziyishumi, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebengabakhapheli, na?

31. Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu; nezitha zethu ziyakubona.

32. Ngokuba umvini wabo ungumvini waseSodoma nowamasimu aseGomora; izithelo zabo ziyizithelo zenyongo, amahlukuzo abo amunyu;

33. iwayini labo liyisihlungu sawodrako, lingubuthi obesabekayo bamabululu.

34. Lokho akubekelelwe kimina, kunamathelisiwe engcebeni yami na?

35. Ngeyami impindiselo nembuyiselo ngesikhathi sokushelela konyawo lwabo, ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele, izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma.

36. “Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.

37. Uyakuthi: ‘Baphi onkulunkulu babo, idwala ababephephela kulo,

38. ababedla amanoni emihlatshelo yabo, beliphuza iwayini lomnikelo wabo wokuphuzwa, na? Mabavuke, banisize, babe yisivikelo senu.

39. “ ‘Bonani manje ukuthi mina, yebo, mina nginguye, akakho unkulunkulu ngaphandle kwami; mina ngiyabulala, besengiphilisa, ngilimazile, kepha ngiyakupholisa; akakho ongophula esandleni sami.

40. Ngokuba ngiyaphakamisela isandla sami ezulwini, ngithi: Mina ngiyaphila kuze kube phakade:

41. uma ngilola inkemba yami ebenyezelayo, nesandla sami sibambelela ekwahluleleni, ngiyakubuyisela impindiselo kwabamelene nami, ngibaphindisele abangizondayo.’

42. “Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi, inkemba yami idle inyama, ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa, kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.

43. Yenanelani abantu bakhe nina zizwe, ngokuba uyakuphindisela igazi lezinceku zakhe, abuyisele impindiselo kwabamelene naye, enzele izwi lakhe nabantu bakhe ukubuyisana.”

44. UMose wafika wakhuluma onke amazwi aleli hubo ezindlebeni zabantu, yena noJoshuwa indodana kaNuni.

45. UMose eseqedile ukukhuluma onke lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli

46. wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho.

47. Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”

48. UJehova wayesekhuluma kuMose ngalona lolo suku, ethi:

49. “Khuphukela entabeni yase-Abarimi, intaba yaseNebo esezweni lakwaMowabi, emalungana neJeriko, ulibheke izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli ukuba libe yifa labo,

50. ufele kuleyo ntaba okhuphukela kuyo, ubuthelwe kubantu bakini, njengalokho u-Aroni umfowenu wafela entabeni yaseHori, wabuthelwa kubantu bakubo,

51. ngokuba naphambuka kimi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ngasemanzini aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini, lokhu ningangingcwelisanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

52. Uyakulibona izwe phambi kwakho, kepha awuyikungena khona, izwe engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli.”

About Duteronomi Chapter 32

Read Duteronomi Chapter 32 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Duteronomi in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Duteronomi
Chapter: 32
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Duteronomi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Duteronomi Chapter 32 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Duteronomi Chapter 32?

Duteronomi Chapter 32 is part of the Book of Duteronomi in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Duteronomi Chapter 32 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Duteronomi

  1. Duteronomi Chapter 34
  2. Duteronomi Chapter 11
  3. Duteronomi Chapter 24
  4. Duteronomi Chapter 3
  5. Duteronomi Chapter 27
  6. Duteronomi Chapter 25
  7. Duteronomi Chapter 10

Explore More from ITestamente Elidala

  1. 2 IziKronike Chapter 28
  2. Hoseya Chapter 2
  3. Ezra Chapter 4
  4. Jobe Chapter 14
  5. AmaHubo Chapter 117
  6. 2 Samuweli Chapter 3
  7. AmaHubo Chapter 146

Related Chapters & Readings

  1. 2 IziKronike Chapter 34
  2. Johane Chapter 21
  3. Johane Chapter 20
  4. Eksodusi Chapter 16
  5. AmaHubo Chapter 78
  6. Genesise Chapter 31
  7. 2 AmaKhosi Chapter 4
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *