2 IziKronike Chapter 1

For English

Read 2 IziKronike Chapter 1 Online

Read 2 IziKronike Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 IziKronike in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 IziKronike and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

2 IziKronike 1

Isahluko 1

1. USolomoni indodana kaDavide waqiniswa ebukhosini bakhe; uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye, wamkhulisa kakhulu.

2. USolomoni wakhuluma kuye wonke u-Israyeli, nakuzo izinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nakubahluleli, nakuzo zonke izikhulu kwa-Israyeli wonke, izinhloko zawoyise.

3. Wahamba uSolomoni, nebandla lonke linaye, waya endaweni ephakemeyo yaseGibeyoni, ngokuba kwakukhona lapho itende lokuhlangana likaNkulunkulu elalenziwe nguMose inceku kaJehova ehlane.

4. Kepha umphongolo kaNkulunkulu uDavide wayewukhuphulile eKiriyati Jeharimi, wawuyisa endaweni uDavide ayewulungisele yona, ngokuba wayewumisele itende eJerusalema.

5. Futhi i-altare lethusi elalenziwe nguBesaleli indodana ka-Uri kaHure lalilapho phambi kwetabernakele likaJehova; uSolomoni nebandla baya ukubuza kulo.

6. USolomoni wanikela khona phambi kukaJehova e-altare lethusi elalingasetendeni lokuhlangana, wanikela ngeminikelo eyinkulungwane yokushiswa phezu kwalo.

7. Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: “Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.”

8. Wayesethi uSolomoni kuNkulunkulu: “Umenzele uDavide ubaba umusa omkhulu, wangibeka inkosi esikhundleni sakhe.

9. Ngalokho, Jehova Nkulunkulu, maliqiniswe izwi lakho kuDavide ubaba, ngokuba ungibeke inkosi phezu kwabantu abangangothuli lomhlabathi ngobuningi.

10. Ngiphe manje ukuhlakanipha nokwazi ukuba ngiphume, ngingene phambi kwalabo bantu, ngokuba ngubani ongahlulela labo bantu bakho abakhulu kangaka na?”

11. Wayesethi uNkulunkulu kuSolomoni: “Ngenxa yokuba lokho kwakusenhliziyweni yakho, ungacelanga ingcebo, nemfuyo, nodumo, nokuphila kwabakuzondayo, futhi ungacelanga imihla eminingi, kepha wazicelela ukuhlakanipha nokwazi ukuba wahlulele abantu bami engikubeke inkosi phezu kwabo,

12. uyakuphiwa ukuhlakanipha nokwazi; ngiyakukunika nengcebo, nemfuyo, nodumo, angazange abe nakho okungako amakhosi ayengaphambi kwakho, nalandelayo emva kwakho awayikuba nakho.”

13. USolomoni wayesesuka endaweni ephakemeyo yaseGibeyoni etendeni lokuhlangana, waya eJerusalema; wabusa phezu kuka-Israyeli.

14. USolomoni wabutha izinqola nabamahhashi; wayenezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, owakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.

15. Inkosi yenza isiliva negolide kuvame eJerusalema njengamatshe, nemisedari yayenza ibe njengemithombe esigodini ngobuningi.

16. Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe; abathengi benkosi bawamukela ngamadlanzi, yilelo nalelo dlanzi ngentengo yalo.

17. Bakhuphula, bakhipha eGibithe inqola ngamashekeli angamakhulu ayisithupha esiliva, nehhashi ngayikhulu namashumi ayisihlanu; bawakhiphela kanjalo onke amakhosi amaHeti namakhosi ase-Aramu ngezandla zabo.

About 2 IziKronike Chapter 1

Read 2 IziKronike Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 IziKronike in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 2 IziKronike
Chapter: 1
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 IziKronike. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 2 IziKronike Chapter 1 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 2 IziKronike Chapter 1?

2 IziKronike Chapter 1 is part of the Book of 2 IziKronike in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 2 IziKronike Chapter 1 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 2 Izikronike

  1. 2 IziKronike Chapter 7
  2. 2 IziKronike Chapter 5
  3. 2 IziKronike Chapter 32
  4. 2 IziKronike Chapter 20
  5. 2 IziKronike Chapter 19
  6. 2 IziKronike Chapter 34
  7. 2 IziKronike Chapter 13

Explore More from ITestamente Elidala

  1. UmShumayeli Chapter 7
  2. AmaHubo Chapter 22
  3. Eksodusi Chapter 39
  4. 1 Samuweli Chapter 4
  5. Jobe Chapter 8
  6. Habakuki Chapter 2
  7. Hezekeli Chapter 30

Related Chapters & Readings

  1. Joshuwa Chapter 8
  2. 1 AmaKhosi Chapter 11
  3. Mathewu Chapter 1
  4. Daniyeli Chapter 7
  5. Jeremiya Chapter 41
  6. Mika Chapter 1
  7. Duteronomi Chapter 25
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *