Read IsAmbulo Chapter 9 Online
Read IsAmbulo Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IsAmbulo in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IsAmbulo and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
IsAmbulo 9
Isahluko 9
1. Ingelosi yesihlanu yayisibetha; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha.
2. Yayisivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi weziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngomusi womgodi.
3. Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, sanikwa amandla njengamandla abanawo ofezela bomhlaba.
4. Kwathiwa kuso masingoni utshani bomhlaba, nanye into eluhlaza, nowodwa umuthi, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.
5. Sanikwa ukuba singababulali kepha sibahluphe izinyanga eziyisihlanu; nokuhlushwa kwabo kwaba njengobuhlungu bukafezela, nxa emqosela umuntu.
6. Ngaleyo mihla abantu bayakufuna ukufa, bangaze bakufumana; futhi bayakufisa ukufa, kepha ukufa kubabalekele.
7. Nesimo sesikhonyane sasifana namahhashi alungiselwe ukulwa, nasemakhanda aso kukhona okunjengemiqhele efana negolide, nobuso bunjengobuso babantu;
8. futhi sasinezinwele ezinjengezinwele zabesifazane, namazinyo aso ayenjengawezingonyama,
9. sinezivikelo zezifuba njengezivikelo zensimbi, nomdumo wamaphiko aso wawunjengomdumo wezinqola zamahhashi amaningi egijimela ekulweni.
10. Sasinemisila efana neyawofezela inezindosi, nasemisileni yaso kukhona amandla aso okona abantu izinyanga eziyisihlanu.
11. Sinenkosi phezu kwaso, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi u-Apholiyoni.
12. UMaye wokuqala udlulile; bheka, kuseza oMaye ababili ngasemva kwalokho.
13. Ingelosi yesithupha yayisibetha; ngezwa izwi livela ezimpondweni ezine ze-altare legolide eliphambi kukaNkulunkulu,
14. lithi kuyo ingelosi yesithupha enecilongo: “Thukulula izingelosi ezine eziboshwe ngasemfuleni omkhulu u-Ewufrathe.”
15. Zase zithukululwa izingelosi ezine ezilungiselwe ihora, nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale okwesithathu kwabantu.
16. Umumo wezimpi zabakhwele amahhashi wawungukuphindwa kabili kwezinkulungwane eziyishumi ziphindwe kazinkulungwane eziyishumi.
17. Nakanjalo ngabona ngombono amahhashi nabakhwele kuwo benezivikelo zezifuba, zibomvu njengomlilo nezehiyakinte nezesibabule; namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama, nasemilonyeni yawo kuphuma umlilo, nomusi, nesibabule.
18. Ngalezo zinhlupho ezintathu kwabulawa okwesithathu kwabantu ngomlilo, nangomusi, nangesibabule, okwaphuma emilonyeni yawo.
19. Ngokuba amandla amahhashi asemilonyeni yawo nasemisileni yawo; ngokuba imisila yawo ifana nezinyoka, inamakhanda ona ngawo.
20. Kepha abaseleyo babantu abangabulawanga ngalezo zinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo ukuba bangakhuleki kuwo amademoni, nezithombe zegolide, nezesiliva, nezethusi, nezamatshe, nezemithi, ezingenakho ukubona, nakuzwa, nakuhamba,
21. futhi abaphendukanga ekubulaleni kwabo, nasekuthakatheni kwabo, nasebufebeni babo, nasekwebeni kwabo.
About IsAmbulo Chapter 9
Read IsAmbulo Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IsAmbulo in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: IsAmbulo
Chapter: 9
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IsAmbulo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading IsAmbulo Chapter 9 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is IsAmbulo Chapter 9?
IsAmbulo Chapter 9 is part of the Book of IsAmbulo in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete IsAmbulo Chapter 9 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from isambulo
- IsAmbulo Chapter 16
- IsAmbulo Chapter 10
- IsAmbulo Chapter 3
- IsAmbulo Chapter 2
- IsAmbulo Chapter 7
- IsAmbulo Chapter 1
- IsAmbulo Chapter 13
Explore More from ITestamente Elisha
- IzEnzo Chapter 27
- Filipi Chapter 4
- Luka Chapter 24
- Luka Chapter 14
- Luka Chapter 23
- 1 Johane Chapter 4
- IsAmbulo Chapter 4