Read UmShumayeli Chapter 10 Online
Read UmShumayeli Chapter 10 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of UmShumayeli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of UmShumayeli and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
UmShumayeli 10
Isahluko 10
1. Izimpukane ezifileyo zenza amafutha omthaki ukuba anuke, abile; kanjalo ubuwula obuncane bulingana nokuhlakanipha nodumo.
2. Inhliziyo yohlakaniphileyo ingakwesokunene sakhe, kepha inhliziyo yesiwula ingakwesokhohlo.
3. Yebo, nasendleleni esihamba ngayo isiwula, siyaphela ingqondo, sisho kubo bonke ukuthi siyisiwula.
4. Uma umoya wombusi ukuvukela, ungashiyi indawo yakho, ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu.
5. Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga, bunjengephutha elivela kumbusi:
6. ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo, kepha abacebileyo bahlala kweziphansi.
7. Ngibonile izinceku zikhwele amahhashi, nezikhulu zihamba phansi njengezinceku.
8. Omba umgodi uyakuwela kuwo, nodiliza ugange uyakulunywa yinyoka.
9. Okhipha amatshe uyakulinyazwa yiwo, nobanda izinkuni uyakuba sengozini ngazo.
10. Uma insimbi ibuthuntu, umuntu engaloli usiko, uyakhamelela ngamandla; kepha okusizayo ukuphumelelisa kungukuhlakanipha.
11. Uma inyoka iluma ingakalunjwa, umlumbi akasizi lutho.
12. Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa, kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona.
13. Ukuqala kwamazwi omlomo waso angubuwula, nokugcina kokukhuluma kwaso kungubuhlanya obubi.
14. Isiwula siyandisa amazwi, nokho umuntu akazi okuyakuba khona; nalokho okuyakuba ngasemva kwakhe, ngubani ongamtshela lokho na?
15. Umshikashika weziwula uyaziqoba, ukuze zingazi nokuya emzini.
16. Maye kuwe lizwe onkosi yakho ingumntwana, nezikhulu zakho zinedili ekuseni!
17. Ubusisiwe wena lizwe onkosi yakho iyindodana yabakhulu, nezikhulu zakho zinedili ngesikhathi, ziziqinise, zingadakwa.
18. Ngobuvila obukhulu indlu iyabola, nangokwenqena kwezandla iyavuza.
19. Idili lenzelwa ukuhleka, newayini liyenamisa ukuphila, kepha imali iyimpendulo yakho konke.
20. Ungayiqalekisi inkosi nasemicabangweni yakho, ungabathuki abacebileyo nasekamelweni lakho lokulala, ngokuba inyoni yezulu iyakulihambisa izwi, nokunamaphiko kuyakuyilanda indaba.
About UmShumayeli Chapter 10
Read UmShumayeli Chapter 10 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of UmShumayeli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: UmShumayeli
Chapter: 10
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading UmShumayeli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading UmShumayeli Chapter 10 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is UmShumayeli Chapter 10?
UmShumayeli Chapter 10 is part of the Book of UmShumayeli in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete UmShumayeli Chapter 10 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 3
- AmaHubo Chapter 2
- AmaHubo Chapter 51
Explore More from umshumayeli
- UmShumayeli Chapter 5
- UmShumayeli Chapter 4
- UmShumayeli Chapter 11
- UmShumayeli Chapter 1
- UmShumayeli Chapter 12
- UmShumayeli Chapter 6
- UmShumayeli Chapter 2