Read Hezekeli Chapter 23 Online
Read Hezekeli Chapter 23 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Hezekeli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Hezekeli and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Hezekeli 23
Isahluko 23
1. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2. “Ndodana yomuntu, kwakukhona abesifazane ababili, amadodakazi omfazi munye.
3. Babefeba eGibithe, bafeba ebusheni babo; bapotozwa khona amabele abo, zacindezelwa khona izingono zobuntombi babo.
4. Amagama abo ayengu-Ohola, omkhulu, no-Oholiba udadewabo; baba ngabami, bazala amadodana namadodakazi. Amagama abo: iSamariya lingu-Ohola, neJerusalema lingu-Oholiba.
5. “U-Ohola wafeba esengowami, wakhanukela izithandwa zakhe, abase-Asiriya, abakhelwane bakhe,
6. ababembethe okuluhlaza, izinduna nababusi, izinsizwa ezinxanelekayo zonke, izinkweli ezikhwele amahhashi.
7. Wabanika ubufebe bakhe, bengamadoda akhethekileyo ase-Asiriya; bonke abakhanukelayo, wangcoliswa ngazo zonke izithombe zabo.
8. Kepha akashiyanga ubufebe bakhe baseGibithe, ngokuba balala naye ebusheni bakhe, bacindezela izingono zobuntombi bakhe, bathulula ubufebe babo phezu kwakhe.
9. “Ngalokho ngamnikela esandleni sezithandwa zakhe, isandla sabase-Asiriya abakhanukelayo.
10. Bona bambula ubunqunu bakhe, bathatha amadodana akhe namadodakazi akhe; yena bambulala ngenkemba, waba yisaga phakathi kwabesifazane, lapho kwenziwa ukwahlulelwa kuye.
11. “Udadewabo u-Oholiba wakubona, kepha wonakala ekukhanukeni kwakhe kunaye, nasebufebeni bakhe obadlula ubufebe bukadadewabo.
12. Wakhanukela abase-Asiriya, izinduna nababusi, abakhelwane, ababembethe kahle kakhulu, beyizinkweli ezikhwele amahhashi, zonke ziyizinsizwa ezinxanelekayo.
13. Ngabona ukuthi wangcoliswa; bobabili bahamba ngandlelanye.
14. “Wengezela ebufebeni bakhe, ngokuba wabona amadoda ayedwetshwe odongeni, imifanekiso yamaKaledi eyayilotshwe ngebomvu,
15. ebhince amabhande okhalweni lwawo, enemishuqulo ebanzi emakhanda, onke ebonakala njengezikhulu ngokwesimo sabaseBabele ababezelwe ezweni laseKalideya.
16. Ekubaboneni kwamehlo akhe wabakhanukela, wathuma kubo izithunywa eKalideya.
17. Amadodana aseBabele afika kuye embhedeni wothando, amngcolisa ngobufebe bawo; esengcolisiwe yiwo umphefumulo wakhe wahlukana nawo.
18. Wambula ubufebe bakhe, wambula ubunqunu bakhe. Wase wahlukana naye umphefumulo wami, njengalokho umphefumulo wami wahlukana nodadewabo.
19. Kepha wandisa ubufebe bakhe, ekhumbula izinsuku zobusha bakhe afebe ngazo ezweni laseGibithe.
20. Wakhanukela amashende akhona, anyama yawo injengenyama yezimbongolo, namaphambili awo anjengawamahhashi.
21. Walangazelela ukukhanuka kobusha bakho ekucindezelweni kwezingono zakho ngabaseGibithe ngenxa yobusha bamabele akho.
22. “Ngalokho-ke, Oholiba, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakukuvusela izithandwa zakho, umphefumulo wakho osahlukene nazo, ngiziyise kuwe nxazonke,
23. abaseBabele, nawo onke amaKaledi, iPhekodi, neShowa, neKhowa, nabo bonke abase-Asiriya kanye nabo, izinsizwa ezinxanelekayo, izinduna, nababusi, nabakhulu, nezikhulu, nabadumileyo, bonke bekhwele amahhashi.
24. Bayakufika kuwe benezikhali, nezinqola, nokunamasondo, nesixuku sabantu, bazihlelele wena benamahawu, nezihlangu, nezigqoko nxazonke, nginikele kubo ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zabo.
25. Ngiyakubeka kuwe umhawu wami, bakuphathe ngokufutheka, basuse ikhala lakho nezindlebe zakho, abaseleyo bakho bawe ngenkemba; bayakuthatha amadodana akho amadodakazi akho, abaseleyo bakho badliwe ngumlilo.
26. Bayakukuhlubula izingubo zakho, basuse izivunulo zakho ezinhle.
27. Ngiyakuqeda kuwe ukukhanuka kwakho nobufebe bakho basezweni laseGibithe, ungabe usaphakamisa amehlo akho kubo, ungabe usalikhumbula iGibithe.
28. “Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakukunikela esandleni sabo obazondayo, esandleni sabo umphefumulo wakho owahlukene nabo,
29. bakuphathe ngenzondo, basuse yonke inzuzo yakho, bakushiye uze, unqunu, kwambulwe ubunqunu bobufebe bakho, kanye nokungcola kwakho nobufebe bakho.
30. Lokhu kuyakwenziwa kuwe ngokuba ulandele abezizwe ngokufeba, wangcoliswa ngezithombe zabo.
31. Uhambile ngendlela kadadewenu; ngalokho ngiyakunikela indebe yakhe esandleni sakho.
32. “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Uyakuphuza indebe kadadewenu ejulileyo, ebanzi, ube yinhlekiso nosulu; ifumbethe okuningi.
33. Uyakugcwaliswa ngokudakwa nosizi: ngendebe yesimangaliso neyencithakalo, indebe kadadewenu iSamariya.
34. Uyakuyiphuza, uyikhame, ugedle izindengezi zayo, uklebhule amabele akho, ngokuba mina ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova.
35. “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ungikhohliwe, wangilahla nyovane, uyakuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.”
36. Wayesethi uJehova kimi: “Ndodana yomuntu, uyakwahlulela o-Ohola no-Oholiba na? Batshele-ke izinengiso zabo.
37. Ngokuba baphingile, negazi lisezandleni zabo; baphingile nezithombe zabo, badabulise emlilweni amadodana abo abangizalela wona, abe ngukudla kwazo.
38. Futhi benza lokhu kimi: ngalona lolo suku abangcolisa ngalo indlu yami engcwele bawona namasabatha ami.
39. Ekubulaleleni kwabo izithombe zabo amadodana abo bangena, ngalona lolo suku, endlini yami engcwele ukuyingcolisa. Bheka, benza kanjalo phakathi kwendlu yami.
40. “Futhi nithumele amadoda avela kude, okwathunywa kuwo isithunywa; bheka, afika; wazihlanzela wona, wawagqabela amehlo akho, wazivunulisa ngezivunulo,
41. wahlala embhedeni omuhle, itafula elilungisiweyo liphambi kwawo, owabeka kulo impepho yami namafutha ami.
42. “Umsindo wesixuku esihlezi kahle wawulapho; kwangeniswa kanye nabantukazana izidakwa zasehlane; bafaka amasongo ezandleni zabo nemiqhele emihle emakhanda abo.
43. Ngase ngithi ngaye ophelile ekufebeni: ‘Impela bayakufeba naye, yebo, naye,’ na?
44. Bangena kuye njengalokhu kungenwa esifebeni; bangena kanjalo ko-Ohola no-Oholiba, abesifazane abakhanukayo.
45. Abantu abalungileyo bayakubahlulela ngokwahlulelwa kweziphingikazi nangokwahlulelwa kwabesifazane abachitha igazi, ngokuba bayiziphingikazi, negazi lisezandleni zabo.
46. “Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakubenyusela isixuku, ngibanikele ukuba babe yingebhe nempango.
47. Isixuku siyakubakhanda ngamatshe sibahlahlele ngezinkemba zaso, sibulale amadodana abo namadodakazi abo, sishise izindlu zabo ngomlilo.
48. “Ngiyakuqeda ukukhanuka ezweni, baxwayiswe bonke abesifazane ukuba bangenzi njengokukhanuka kwenu.
49. Bayakwehlisela ukukhanuka kwenu phezu kwenu, nithwale izono zezithombe zenu, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.”
About Hezekeli Chapter 23
Read Hezekeli Chapter 23 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Hezekeli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Hezekeli
Chapter: 23
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Hezekeli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Hezekeli Chapter 23 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Hezekeli Chapter 23?
Hezekeli Chapter 23 is part of the Book of Hezekeli in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Hezekeli Chapter 23 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Hezekeli
- Hezekeli Chapter 2
- Hezekeli Chapter 40
- Hezekeli Chapter 28
- Hezekeli Chapter 20
- Hezekeli Chapter 8
- Hezekeli Chapter 16
- Hezekeli Chapter 41
Explore More from ITestamente Elidala
- Jeremiya Chapter 29
- Duteronomi Chapter 12
- Nehemiya Chapter 10
- IsiHlabelelo SeziHlabelelo Chapter 1
- AbAhluleli Chapter 5
- Isaya Chapter 46
- Esteri Chapter 10