Numeri Chapter 21

For English

Read Numeri Chapter 21 Online

Read Numeri Chapter 21 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Numeri in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Numeri and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Numeri 21

Isahluko 21

1. UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owayakhe eningizimu, wezwa ukuthi u-Israyeli uyeza ngendlela yase-Atarimi; walwa no-Israyeli, wathumba abanye kubo.

2. U-Israyeli wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma unikela nokunikela laba bantu esandleni sami, ngiyakuchitha impela imizi yabo.”

3. UJehova walilalela izwi lika-Israyeli, wanikela amaKhanani; bawaqothula kanye nemizi yawo; igama laleyo ndawo lathiwa iHorma.

4. Basuka entabeni yaseHori ngendlela yoLwandle Olubomvu ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yaphela amandla ngenxa yendlela.

5. Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? Ngokuba akukho sinkwa, akukho manzi; umphefumulo wethu uyanengwa yilesi sinkwa esilulana.”

6. UJehova wathuma izinyoka ezinesihlungu phakathi kwabantu, zabaluma abantu; abantu abaningi bakwa-Israyeli bafa.

7. Abantu bafika kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu.

8. UJehova wathi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyibeke ensikeni; kuyakuthi yilowo nalowo olunywayo, lapho eyibheka, uyakusinda.”

9. UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka ensikeni; kwathi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wasinda.

10. Abantwana bakwa-Israyeli bahamba, bamisa e-Oboti.

11. Basuka e-Oboti, bamisa e-Iye Abarimi ehlane elingaphandle kwelakwaMowabi ngasempumalanga.

12. Basuka lapho, bamisa esiGodini saseZeredi.

13. Basuka lapho, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni elisehlane, elivela emkhawulweni wama-Amori, ngokuba i-Arinoni lingumkhawulo welakwaMowabi, phakathi kwelakwaMowabi nama-Amori.

14. Ngalokho kuthiwa eNcwadini yeziMpi zikaJehova: “IVahebi laseSufa, nezigodi zase-Arinoni,

15. nomthambeka wezigodi othambeka ngasezweni le-Ari, oncike emkhawulweni wakwaMowabi.”

16. Basuka lapho, baya eBeri; lokhu kungumthombo asho ngawo uJehova kuMose, wathi: “Butha abantu, ngibaphe amanzi.”

17. U-Israyeli wayesehlabelela lesi sihlabelelo sokuthi: “Mpompoza, mthombo, nihlabelele kuwo,

18. umthombo ezawumba izikhulu, abawugubha abakhulu babantu ngentonga yobukhosi nangezindondolo zabo.” Basuka ehlane, baya eMathana.

19. Basuka eMathana, baya eNahaliyeli; basuka eNahaliyeli, baya eBamoti;

20. basuka eBamoti, baya esigodini esisezweni lakwaMowabi nasesiqongweni sasePisiga, elibheke ngenzansi ngasehlane.

21. U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihoni inkosi yama-Amori, wathi:

22. “Ake sidabule izwe lakho; asiyikuchezukela emasimini noma ezivinini, singaphuzi amanzi emithombo; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi, size sidlule umkhawulo wakho.”

23. USihoni wayengamvumeli u-Israyeli ukudabula izwe lakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma eyomhlasela u-Israyeli ehlane, wafika eJahasi, walwa no-Israyeli.

24. U-Israyeli wamnqoba ngosiko lwenkemba, wadla izwe lakhe, kusukela e-Arinoni kuze kufike eJaboki nakubo abantwana bakwa-Amoni, ngokuba umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni wawunamandla.

25. U-Israyeli wathatha yonke le mizi; u-Israyeli wahlala emizini yonke yama-Amori eHeshiboni nasemizini yonke yalo.

26. Ngokuba iHeshiboni lalingumuzi kaSihoni inkosi yama-Amori owayelwile nenkosi endala yakwaMowabi, wathatha lonke izwe lakhe esandleni sakhe kwaze kwafika e-Arinoni.

27. Ngalokho abakhulu ngezaga basho bathi: “Wozani eHeshiboni; makwakhiwe, umuzi kaSihoni umiswe;

28. ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni; ilangabi livelile emzini kaSihoni; liqedile i-Ari lakwaMowabi nabakhe emadulini ase-Arinoni.

29. Maye kuwena Mowabi! Niphelile, nina bantu bakaKemoshi; unikele amadodana akhe abe ngababaleki, namadodakazi akhe athunjwe kuSihoni inkosi yama-Amori.

30. “Sibacibishele; iHeshiboni liphelile kuze kube seDiboni; sichithile kuze kube seNofa elingaseMedeba.”

31. Kanjalo u-Israyeli wahlala ezweni lama-Amori.

32. UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, baxosha ama-Amori ayelapho.

33. Baphenduka, bakhuphuka ngendlela yaseBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma, wabasukela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuyokulwa ngase-Edireyi.

34. UJehova wathi kuMose: “Ningamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho kanye nabantu bakhe bonke nezwe lakhe; uyakwenza kuye njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori owahlala eHeshiboni.”

35. Base bemnqoba-ke, namadodana akhe, nabo bonke abantu bakhe, waze wangasalelwa muntu; badla izwe lakubo.

About Numeri Chapter 21

Read Numeri Chapter 21 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Numeri in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Numeri
Chapter: 21
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Numeri. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Numeri Chapter 21 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Numeri Chapter 21?

Numeri Chapter 21 is part of the Book of Numeri in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Numeri Chapter 21 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 20
  3. AmaHubo Chapter 10
  4. AmaHubo Chapter 2
  5. AmaHubo Chapter 49
  6. AmaHubo Chapter 6
  7. AmaHubo Chapter 51

Explore More from Numeri

  1. Numeri Chapter 12
  2. Numeri Chapter 2
  3. Numeri Chapter 20
  4. Numeri Chapter 11
  5. Numeri Chapter 26
  6. Numeri Chapter 24
  7. Numeri Chapter 7

Related Chapters & Readings

  1. Isaya Chapter 35
  2. Numeri Chapter 3
  3. Johane Chapter 13
  4. Genesise Chapter 25
  5. 1 IziKronike Chapter 5
  6. KumaHeberu Chapter 7
  7. Isaya Chapter 59
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *