Read Numeri Chapter 20 Online
Read Numeri Chapter 20 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Numeri in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Numeri and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Numeri 20
Isahluko 20
1. Abantwana bakwa-Israyeli, yonke inhlangano, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona futhi.
2. Kwakungekho manzi lapho kuyo inhlangano; babahlanganyela oMose no-Aroni.
3. Abantu balwa noMose, bakhuluma bathi: “Sengathi ngabe safa ekufeni kwabafowethu phambi kukaJehova.
4. Niletheleni ibandla likaJehova kuleli hlane, ukuze sifele lapha, thina nezinkomo zethu, na?
5. Nasikhuphulelani eGibithe, ukuze silethwe kule ndawo embi, na? Akusiyo indawo yembewu, noma eyamakhiwane, noma eyemivini, noma eyamapomegranati, kungekho futhi amanzi okuphuza.”
6. OMose no-Aroni basuka ebusweni bebandla ukuya ngasemnyango wetende lokuhlangana, bawa ngobuso babo; inkazimulo kaJehova yabonakala kubo.
7. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
8. “Thabatha intonga, ubuthe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, nikhulume kulo idwala eliphambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo; uyakubavezela amanzi edwaleni, ukuze unike inhlangano nezinkomo zayo ukuphuza.”
9. UMose wathabatha intonga phambi kukaJehova, njengalokho eyalile.
10. OMose no-Aroni babutha ibandla phambi kwedwala; wathi-ke kubo: “Yizwani manje nina bahlubuki; siyakunivezela yini amanzi kuleli dwala na?”
11. UMose waphakamisa isandla sakhe, walishaya idwala kabili ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi, inhlangano yaphuza kanye nezinkomo zayo.
12. UJehova wathi kuMose naku-Aroni: “Njengokuba anikholwanga yimi ukungingcwelisa emehlweni abantwana bakwa-Israyeli, ngalokho aniyikungenisa leli bandla ezweni engibanike lona.”
13. Lokhu kwakungamanzi aseMeriba, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balwa noJehova, wangcweliswa kubo.
14. UMose wathuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi, zisuka eKadeshi, wathi: “Usho kanje umfowenu u-Israyeli: ‘Uyazazi zonke izinkathazo ezisehlele
15. ukuthi obaba behlela eGibithe, sahlala eGibithe isikhathi eside; abaseGibithe basiphatha kabi thina nawobaba;
16. lapho sakhala kuJehova, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibithe; bheka sesiseKadeshi, umuzi oseceleni komkhawulo wakho;
17. ake sidabule izwe lakho; asiyikudabula amasimu nezivini, singaphuzi amanzi emithombo; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi, singajiki ngakwesokunene nangakwesokhohlo size sidlule umkhawulo wakho.’ ”
18. U-Edomi wathi kuye: “Awuyikudabula kimi, funa ngikusukele ngenkemba.”
19. Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuye: “Siyakukhuphuka ngomgwaqo; uma siphuza amanzi akho, mina nezinkomo zami, ngiyakukhokhela imali yawo. Mangidabule nje ngezinyawo zami, kungabi ngokunye.”
20. Kepha wathi: “Awuyikudabula.” U-Edomi wayesephuma wamsukela nabantu abaningi nesandla esinamandla.
21. Kanjalo u-Edomi wala ukuba u-Israyeli adabule izwe lakhe; ngalokho u-Israyeli wachezuka kuye.
22. Basuka eKadeshi; abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika entabeni yaseHori.
23. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni entabeni yaseHori ngasemkhawulweni wezwe lakwa-Edomi, wathi:
24. “U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, ngokuba akayikungena ezweni engibanike lona abantwana bakwa-Israyeli, lokhu nahlubuka ezwini lami ngasemanzini aseMeriba.
25. Thabatha o-Aroni no-Eleyazare, indodana yakhe, ubakhuphulele entabeni yaseHori,
26. umkhumule u-Aroni izambatho zakhe, uzifake ku-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, afele khona.”
27. UMose wenza njengalokho uJehova eyalile; bakhuphukela entabeni yaseHori emehlweni enhlangano yonke.
28. UMose wamkhumula u-Aroni izambatho zakhe, wazifaka ku-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni wafela khona esiqongweni sentaba; oMose no-Eleyazare behla entabeni.
29. Lapho inhlangano yonke ibona ukuthi u-Aroni ufile, bamlilela u-Aroni izinsuku ezingamashumi amathathu, yonke indlu yakwa-Israyeli.
About Numeri Chapter 20
Read Numeri Chapter 20 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Numeri in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Numeri
Chapter: 20
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Numeri. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Numeri Chapter 20 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Numeri Chapter 20?
Numeri Chapter 20 is part of the Book of Numeri in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Numeri Chapter 20 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 51
- AmaHubo Chapter 2
- AmaHubo Chapter 15
Explore More from Numeri
- Numeri Chapter 3
- Numeri Chapter 4
- Numeri Chapter 16
- Numeri Chapter 15
- Numeri Chapter 1
- Numeri Chapter 36
- Numeri Chapter 34