Numeri Chapter 24

For English

Read Numeri Chapter 24 Online

Read Numeri Chapter 24 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Numeri in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Numeri and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Numeri 24

Isahluko 24

1. UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo, kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane.

2. UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.

3. Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “UBileyamu indodana kaBeyori uthi, umuntu omehlo akhe avuliwe uthi,

4. ozwileyo amazwi kaNkulunkulu, obonile umbono kaSomandla uthi, ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe:

5. “Mahle kangaka amatende akho, Jakobe, namatabernakele akho, Israyeli.

6. Elulekile njengezigodi, njengamasimu ngasemfuleni, njengemihlaba ayitshalile uJehova, njengemisedari ngaseceleni kwamanzi.

7. Amanzi ayakugobhoza, aphume ezimbizeni zakhe, imbewu yakhe ibe semanzini amaningi, inkosi yakhe ibe nkulu kuno-Agagi, umbuso wakhe uphakame.

8. “UNkulunkulu wamkhipha eGibithe; unjengezimpondo zenyathi kubo; uyakuqeda izizwe, izitha zakhe, aphule amathambo azo, azigwaze ngemicibisholo yakhe.

9. Wabuthalala, walala phansi njengengonyama, nanjengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”

10. Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu.

11. Ngalokho baleka uye endaweni yakho; bengithi ngiyakukunika udumo olukhulu; kepha bheka, uJehova ugodlile udumo kuwe.”

12. UBileyamu wathi kuBalaki: “Angikhulumanga yini kuzo izithunywa zakho owazithuma kimi ukuthi:

13. ‘Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma,’ na?

14. Bheka manje, ngibuyela kubantu bakithi; woza ngikumemezelele ukuthi laba bantu bayakwenzani kubantu bakini ngezinsuku ezizayo.”

15. Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “UBileyamu indodana kaBeyori uthi, umuntu oso lakhe livuliwe uthi,

16. ozwileyo amazwi kaNkulunkulu, owazi ukwazi koPhezukonke, obonile umbono kaSomandla, ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe, uthi:

17. “Ngiyambona, kepha kungemanje; ngiyambheka, kodwa kungeseduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli, ishaye uMowabi emaceleni, ichithe onke amadodana kaSheti.

18. U-Edomi uyakuba yifa; uSeyiri uyakuba yifa naye, owayengowezitha zakhe, u-Israyeli esenza okubuqhawe.

19. Uyakuvela kuJakobe, achithe insali emzini.”

20. Wayesembuka u-Amaleki, wathatha isisho sakhe, wathi: “U-Amaleki wayengesokuqala sezizwe, kepha ukugcina kwakhe kungukubhubha.”

21. Wayesewabuka amaKheni, wathatha isisho sakhe, wathi: “Inamandla indawo yakho yokuhlala; isidleke sakho simisiwe edwaleni.

22. Nokho uKayini uyakuchithwa uze uthunjwe ngu-Ashuri.”

23. Wathatha isisho sakhe, wathi: “Maye, ngubani oyakuphila, lapho uNkulunkulu ekwenza lokhu, na?

24. Imikhumbi iyakuvela ogwini lwaseKitimi, imhluphe u-Ashuri, imhluphe u-Ebere, naye aye ekubhujisweni.”

25. UBileyamu wayesesuka, wahamba, wabuyela endaweni yakhe; uBalaki wahamba ngeyakhe indlela.

About Numeri Chapter 24

Read Numeri Chapter 24 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Numeri in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Numeri
Chapter: 24
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Numeri. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Numeri Chapter 24 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Numeri Chapter 24?

Numeri Chapter 24 is part of the Book of Numeri in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Numeri Chapter 24 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 49
  3. AmaHubo Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 51
  6. AmaHubo Chapter 2
  7. AmaHubo Chapter 15

Explore More from Numeri

  1. Numeri Chapter 25
  2. Numeri Chapter 3
  3. Numeri Chapter 4
  4. Numeri Chapter 29
  5. Numeri Chapter 15
  6. Numeri Chapter 30
  7. Numeri Chapter 17

Related Chapters & Readings

  1. AmaHubo Chapter 86
  2. Levitikusi Chapter 20
  3. Malaki Chapter 2
  4. Isaya Chapter 65
  5. 1 IziKronike Chapter 10
  6. Hezekeli Chapter 33
  7. Daniyeli Chapter 7
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *