Read 1 IziKronike Chapter 17 Online
Read 1 IziKronike Chapter 17 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 IziKronike in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 IziKronike and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
1 IziKronike 17
Isahluko 17
1. Kwathi lapho uDavide esehlezi endlini yakhe, uDavide wathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari, kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova uphansi kwezilenge.”
2. UNathani wathi kuDavide: “Yenza konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu unawe.”
3. Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaNkulunkulu lafika kuNathani, lathi:
4. “Hamba utshele uDavide inceku yami ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Awuyikungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo,
5. ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo u-Israyeli kuze kube namuhla, kepha ngangisematendeni, nasematabernakele ngamatabernakele.
6. Ezindaweni zonke engihambahambe kuzo naye wonke u-Israyeli ngake ngakhuluma yini izwi nakoyedwa wabahluleli bakwa-Israyeli engabayala ukuba baluse abantu bami, ngathi: “Aningakhelanga ngani indlu yemisedari na?” ’
7. “Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami u-Israyeli;
8. nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama njengamagama abakhulu abasemhlabeni.
9. Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubachitha njengakuqala,
10. kusukela emihleni engayaleza ngayo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli; ngiyakunqoba zonke izitha zakho. Futhi ngiyakutshela ukuthi uJehova uyakukwakhela indlu.
11. Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho, eyakuba ngeyamadodana akho; ngiyakuqinisa umbuso wayo.
12. Yiyo eyakungakhela indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sayo sobukhosi kuze kube phakade.
13. Mina ngiyakuba nguyise, yona ibe yindodana yami; angiyikuyaphuca umusa wami, njengalokho ngamaphuca owayephambi kwakho.
14. Ngiyakuyiqinisa endlini yami nasembusweni wami kuze kube phakade, isihlalo sayo sobukhosi siqiniswe kuze kube phakade.’ ”
15. Njengawo onke lawo mazwi nanjengawo wonke lowo mbono uNathani wakhuluma kuDavide.
16. UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi: “Ngingubani, Jehova Nkulunkulu, nendlu yami iyini ukuba ungilethe kuze kube lapha na?
17. Lokho kwakuyinto encane emehlweni akho, Nkulunkulu; usukhulumile ngendlu yenceku yakho isekude, wangibuka kungathi ngingumuntu ophakemeyo, Jehova Nkulunkulu.
18. “UDavide angenezela ngokuthini kuwe ngodumo inceku yakho elwenzelweyo na? Wena uyayazi inceku yakho.
19. Jehova, ngenxa yenceku yakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba kwaziswe bonke lobu bukhulu.
20. “Jehova, akakho onjengawe, akukho Nkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.
21. Yisiphi isizwe emhlabeni esinjengabantu bakho u-Israyeli, uNkulunkulu aya ukuzihlengela bona babe ngabantu bakhe, ukukwenzela igama ngezinto ezinkulu nezesabekayo ngokuxosha abezizwe ebusweni babantu bakho owabahlenga eGibithe, na?
22. Ngokuba abantu bakho u-Israyeli wabenza babe ngabantu bakho kuze kube phakade, wena Jehova ube nguNkulunkulu wabo.
23. “Manje, Jehova, izwi olikhulumile ngenceku yakho nangendlu yayo kuze kube phakade maliqiniswe, wenze njengokukhuluma kwakho.
24. Maliqiniseke, libe likhulu igama lakho kuze kube phakade, ukuze kuthiwe: ‘UJehova Sebawoti unguNkulunkulu ka-Israyeli, yebo, uNkulunkulu ka-Israyeli,’ nendlu kaDavide inceku yakho iqinisiwe phambi kwakho.
25. “Ngokuba wena Nkulunkulu wami wambulele endlebeni yenceku yakho ukuthi uyakuyakhela indlu; ngalokho inceku yakho ifike kulokhu ukuba ikhuleke phambi kwakho.
26. Manje, Jehova, wena unguNkulunkulu, ukhulumile lokho okuhle encekwini yakho;
27. kalokhu mawuvume ukubusisa indlu yenceku yakho ukuba ibe sebusweni bakho kuze kube phakade, ngokuba okubusisile wena Jehova kuyahlala kubusisekile kuze kube phakade.”
About 1 IziKronike Chapter 17
Read 1 IziKronike Chapter 17 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 IziKronike in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 1 IziKronike
Chapter: 17
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 IziKronike. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 1 IziKronike Chapter 17 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 1 IziKronike Chapter 17?
1 IziKronike Chapter 17 is part of the Book of 1 IziKronike in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 1 IziKronike Chapter 17 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 1 Izikronike
- 1 IziKronike Chapter 18
- 1 IziKronike Chapter 12
- 1 IziKronike Chapter 10
- 1 IziKronike Chapter 3
- 1 IziKronike Chapter 20
- 1 IziKronike Chapter 19
- 1 IziKronike Chapter 25
Explore More from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 44
- Esteri Chapter 2
- IzAga Chapter 6
- Amose Chapter 6
- Jeremiya Chapter 36
- AbAhluleli Chapter 9
- Mika Chapter 5