Read Genesise Chapter 7 Online
Read Genesise Chapter 7 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Genesise in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Genesise and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Genesise 7
Isahluko 7
1. UJehova wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nendlu yakho yonke, ngokuba ngikubonile wena ukuthi uqotho phambi kwami kulesi sizukulwane.
2. Kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo uzakuthatha ngasikhombisa, iduna nensikazi yalo, nakuzo izilwane ezingahlambulukile uthathe ngambili, iduna nensikazi yalo,
3. nakuzo izinyoni zezulu ngasikhombisa, iduna nensikazi, ukuba kulondolozwe inzalo emhlabeni wonke.
4. Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngiyakunisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, ngichithe ebusweni bomhlaba konke okuphilayo engikwenzileyo.”
5. UNowa wakwenza konke njengalokho emyalile uJehova.
6. UNowa wayeneminyaka engamakhulu ayisithupha mhla uzamcolo wamanzi efika emhlabeni.
7. UNowa wangena emkhunjini namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye ngenxa yamanzi kazamcolo.
8. Kuzo izilwane ezihlambulukileyo nezingahlambulukile, nezinyoni, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni
9. kwangena ngambili emkhunjini kuNowa, iduna nensikazi, njengalokho uNkulunkulu emyalile uNowa.
10. Kwathi emva kwezinsuku eziyisikhombisa amanzi kazamcolo afika emhlabeni;
11. ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuhamba kukaNowa ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga, ngalona lolo suku imithombo yonke yotwa yabhoboka, namafasitele asezulwini avuleka.
12. Lana emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.
13. Ngalolo suku uNowa wangena emkhunjini noShemi, noHamu, noJafete, amadodana kaNowa, nomkaNowa, nabafazi bobathathu bamadodana akhe bekanye nabo,
14. bona nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo, nezinkomo zonke ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ngezinhlobo zazo, konke okunamaphiko.
15. Zangena kuNowa emkhunjini zimbili ngazimbili enyameni yonke okukuyo umoya wokuphila.
16. Ezangenayo zangena ziyiduna nensikazi zenyama yonke, njengalokho uNkulunkulu emyalile; uJehova wavala emva kwakhe.
17. Kwaba nguzamcolo emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane; amanzi anda, aphakamisa umkhumbi; waphakama phezu komhlaba.
18. Amanzi akhula, anda kakhulu emhlabeni; umkhumbi wahamba ebusweni bamanzi.
19. Amanzi andisisa impela emhlabeni; zasitshekelwa zonke izintaba eziphakemeyo eziphansi kwezulu lonke.
20. Amanzi azidlula ngezingalo eziyishumi nanhlanu, zaze zasitshekelwa izintaba.
21. Inyama yonke eyayihamba emhlabeni yafa, izinyoni, nezinkomo, nezilo, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabantu bonke;
22. konke okunomphefumulo womoya wokuphila emakhaleni akho, konke okusemhlabathini owomileyo, kwafa.
23. Wachitha kanjalo konke okuphilayo ebusweni bomhlaba, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu; wakuchitha emhlabeni; kwasala uNowa yedwa kanye nakho okwakukhona naye emkhunjini.
24. Amanzi ayenamandla emhlabeni izinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu.
About Genesise Chapter 7
Read Genesise Chapter 7 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Genesise in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Genesise
Chapter: 7
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Genesise. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Genesise Chapter 7 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Genesise Chapter 7?
Genesise Chapter 7 is part of the Book of Genesise in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Genesise Chapter 7 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Genesise
- Genesise Chapter 18
- Genesise Chapter 50
- Genesise Chapter 40
- Genesise Chapter 34
- Genesise Chapter 32
- Genesise Chapter 6
- Genesise Chapter 2
Explore More from ITestamente Elidala
- UmShumayeli Chapter 12
- Eksodusi Chapter 7
- 2 IziKronike Chapter 21
- Numeri Chapter 8
- Esteri Chapter 1
- Numeri Chapter 25
- AmaHubo Chapter 5