Read 2 Korinte Chapter 8 Online
Read 2 Korinte Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Korinte in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 Korinte and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
2 Korinte 8
Isahluko 8
1. Kepha siyanazisa, bazalwane, ngomusa kaNkulunkulu awuphiweyo amabandla aseMakedoniya
2. ukuthi ekuvivinyweni okukhulu kosizi ukuthokoza kwawo okuvamileyo nobumpofu bawo obukhulu kwenza ukuba avame kakhulu ekuphaneni okupheleleyo;
3. ngokuba ngokwawo anikela njengamandla awo, yebo, ngiyafakaza ngithi, nangaphezu kwamandla awo;
4. asinxusa kakhulu ecela umusa wokuhlanganyela ekukhonzeni abangcwele;
5. futhi akubanga njengokwethemba kwethu kuphela, kepha bazinikela bona uqobo kuqala eNkosini nakithi futhi ngentando kaNkulunkulu,
6. saze samncenga uThithu ukuba, njengalokho wayeseqalile ngaphambili, kanjalo afeze futhi kini lowo msebenzi womusa.
7. Kepha njengalokho nivamile kukho konke: ukukholwa, namazwi, nokwazi, nokukhuthala konke, nothando enisithanda ngalo, manivame nakuwo lowo msebenzi womusa.
8. Angikusho njengomyalo, kodwa ukuze ngokukhuthala kwabanye ngivivinye ubuqotho bothando lwenu;
9. ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.
10. Kulokhu nginitshela ukubona kwami; ngokuba lokhu kulungele nina enaqala nyakenye, kungekwenza kuphela kepha nokuthanda;
11. kepha manje fezani nokwenza, ukuze njengalokho kwaba khona inhliziyo ethandayo, kanjalo kube khona nokufeza njengeninakho.
12. Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.
13. Ngokuba angikusho lokhu ukuba abanye bakhululeke, nina nikhathazeke, kodwa kube ngokulinganayo,
14. ukuze kuthi ngalesi sikhathi inala yenu isize bona ekusweleni kwabo ukuba nenala yabo isize nina ekusweleni kwenu, kube khona ukulingana,
15. njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Kowaba nokuningi kakusalanga, nowaba nokuncane kantulanga.”
16. Kepha makabongwe uNkulunkulu obeka enhliziyweni kaThithu le nkuthalo ngani,
17. ngokuba wamukela umyalo wethu, kepha naye ekhuthele kakhulu waphuma eza kini ngokuzithandela.
18. Sithumele kanye naye umzalwane oludumo lwakhe ngevangeli lwandile kuwo onke amabandla,
19. kungesikho lokho kuphela, kodwa ukhethiwe futhi yiwo amabandla ukuba ahambisane nathi ngendaba yalo mnikelo osetshenzwe yithi, kube ludumo kuyo iNkosi, kubonakalise ukukhuthala kwethu,
20. sigwemele lokhu ukuthi kungaba khona osisolayo ngalesi sipho esikhulu esisetshenzwe yithi;
21. ngokuba sinakekela okuhle, kungesemehlweni eNkosi kuphela kodwa nasemehlweni abantu.
22. Kepha sithumele kanye nabo umzalwane wethu esimfumene kaningi ekhuthele ezintweni eziningi, kepha manje ukhuthele kakhulu ngenxa yokunethemba kwakhe okukhulu.
23. Uma kubuzwa ngoThithu, yena ungumhlanganyeli nesisebenzi kanye nami kini; noma kubuzwa ngabazalwane bethu, bayizithunywa zamabandla, bayinkazimulo kaKristu.
24. Ngakho manibonakalise kubo phambi kwamabandla ubufakazi bothando lwenu nokuzincoma kwethu ngani.
About 2 Korinte Chapter 8
Read 2 Korinte Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Korinte in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 2 Korinte
Chapter: 8
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 Korinte. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 2 Korinte Chapter 8 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 2 Korinte Chapter 8?
2 Korinte Chapter 8 is part of the Book of 2 Korinte in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 2 Korinte Chapter 8 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 2-korinte
- 2 Korinte Chapter 4
- 2 Korinte Chapter 12
- 2 Korinte Chapter 3
- 2 Korinte Chapter 7
- 2 Korinte Chapter 11
- 2 Korinte Chapter 9
- 2 Korinte Chapter 6
Explore More from ITestamente Elisha
- IsAmbulo Chapter 15
- Johane Chapter 18
- Johane Chapter 17
- 1 Thimothewu Chapter 2
- 2 Korinte Chapter 9
- IsAmbulo Chapter 19
- Marku Chapter 13