AmaRoma Chapter 1

For English

Read AmaRoma Chapter 1 Online

Read AmaRoma Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaRoma in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaRoma and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

AmaRoma 1

Isahluko 1

1. UPawulu, inceku kaKristu Jesu, umphostoli obiziweyo nowahlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu,

2. alethembisa ngaphambili ngabaprofethi bakhe emibhalweni engcwele

3. mayelana neNdodana yakhe eyavela enzalweni kaDavide ngokwenyama,

4. eyabonakaliswa ngamandla ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngokoMoya wobungcwele ngokuvuka kwabafileyo, uJesu Kristu iNkosi yethu

5. esamukela ngaye umusa nobuphostoli kube ngukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,

6. enikuzo nani eningababiziweyo bakaJesu Kristu,

7. kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababiziweyo, abangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

8. Kuqala-ke ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngani nonke, ngokuba ukukholwa kwenu kunconywa ezweni lonke.

9. Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonza emoyeni wami ngevangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami wokuthi ngokungaphezi ngiyanikhumbula

10. njalo emikhulekweni yami, nginxusa ukuba, uma kungenzeka ngentando kaNkulunkulu, ngiphumelele ukufika kini.

11. Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe,

12. okungukuthi siduduzane kanye nani phakathi kwenu ngokukholwa kwethu okwenu nokwami.

13. Angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, kepha ngathiyeka kuze kube manje ukuba nakini ngibe nezithelo njengakwezinye izizwe.

14. Nginecala kumaGreki nakwabezizwe, kwabahlakaniphileyo nakwabangaqondiyo;

15. kanjalo mina ngokwami nginesifiso sokushumayela ivangeli nakinina baseRoma.

16. Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki.

17. Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”

18. Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambulwa ivela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi,

19. ngokuba lokho okwazekayo ngoNkulunkulu kusobala phakathi kwabo; ngokuba uNkulunkulu ukubonakalisile kubo.

20. Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela,

21. ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama.

22. Bezisho ukuthi bahlakaniphile baba yiziwula,

23. nenkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo bayiguqula ifane nomfanekiso womuntu obhubhayo, owezinyoni, nowezilwane ezinezinyawo ezine nezinwabuzelayo.

24. Ngalokho uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo kukho ukungcola, bahlazisane imizimba yabo,

25. baguqule iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali ongobongekayo kuze kube phakade. Amen.

26. Ngenxa yalokho uNkulunkulu wabanikela ekuhuhekeni okuyihlazo; ngokuba abesifazane babo baguqula ukwenza okwemvelo kwaba ngokuphambene nemvelo;

27. ngokunjalo nabesilisa bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, basha ngokukhanukelana, abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa, bezitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo.

28. Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele,

29. begcwele konke ukungalungi, nokonakala, nesangabe, nobubi; begcwele umhawu, nokubulala, nokuphikisana, nenkohliso, nobuqili, nokuhleba;

30. beyizinyevuzi, nabazonda uNkulunkulu, nezidlova, nabazidlayo, nabazigabisayo, nabaqambi bokubi, nabangalaleli abazali,

31. nabangenangqondo, nabangathembekile, nabangenaluthando, nabangenasihawu,

32. abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.

About AmaRoma Chapter 1

Read AmaRoma Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaRoma in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: AmaRoma
Chapter: 1
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaRoma. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading AmaRoma Chapter 1 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is AmaRoma Chapter 1?

AmaRoma Chapter 1 is part of the Book of AmaRoma in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete AmaRoma Chapter 1 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from amaroma

  1. AmaRoma Chapter 15
  2. AmaRoma Chapter 16
  3. AmaRoma Chapter 14
  4. AmaRoma Chapter 9
  5. AmaRoma Chapter 4
  6. AmaRoma Chapter 3
  7. AmaRoma Chapter 11

Explore More from ITestamente Elisha

  1. EkaJakobe Chapter 4
  2. Luka Chapter 12
  3. IsAmbulo Chapter 22
  4. Mathewu Chapter 19
  5. 2 Korinte Chapter 7
  6. Luka Chapter 14
  7. Luka Chapter 17

Related Chapters & Readings

  1. Isaya Chapter 55
  2. Luka Chapter 24
  3. Numeri Chapter 32
  4. AmaRoma Chapter 12
  5. Genesise Chapter 8
  6. Marku Chapter 7
  7. AmaRoma Chapter 14
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *