Read AmaRoma Chapter 2 Online
Read AmaRoma Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaRoma in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaRoma and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
AmaRoma 2
Isahluko 2
1. Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.
2. Siyazi ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu ngokweqiniso kubehlela abenza okunjalo.
3. Ucabanga lokho yini wena muntu owahlulela abenza okunjalo, ubukwenza nawe, ukuthi uyakubalekela ukwahlulela kukaNkulunkulu na?
4. Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene, neyokubekezela, neyenyewe yakhe, ungazi ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuphendukeni na?
5. Kepha ngobulukhuni bakho nangenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu
6. oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe:
7. labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade;
8. kepha labo abanombango bengalaleli iqiniso, belalela ukungalungi, bothola ulaka nentukuthelo.
9. Usizi nokubandezeka kuyakwehlela imiphefumulo yabantu bonke abenza okubi, umJuda kuqala, nomGreki futhi;
10. kepha inkazimulo nodumo nokuthula kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGreki futhi.
11. Ngokuba akukho ukukhetha umuntu kuNkulunkulu.
12. Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho;
13. ngokuba akusibo abezwayo umthetho abangabalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenzayo umthetho yibona abayakulungisiswa.
14. Ngokuba nxa abezizwe abangenawo umthetho ngokwemvelo benza okomthetho, laba, bengenawo umthetho, bangumthetho wabo ngokwabo,
15. babonakalisa ukuthi umsebenzi womthetho ulotshiwe ezinhliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza naye, imicabango yabo imangalelana noma ivunana,
16. ngosuku uNkulunkulu ayakwahlulela ngalo okufihliweyo kwabantu ngokwevangeli lami ngoKristu Jesu.
17. Kepha uma uthiwa ungumJuda, wethemba umthetho, uzibonga ngoNkulunkulu,
18. wazi intando yakhe, ukhetha okungcono, ungofundisiwe emithethweni,
19. uzethembile wena ukuthi ungumholi wezimpumputhe, ungukukhanya kwabasebumnyameni,
20. umyali weziwula nomfundisi wezingane, unakho ukuma kokwazi nokweqiniso emthethweni,
21. wena-ke ofundisa omunye, awuzifundisi wena na? Wena oshumayela ukuthi akungebiwa, uyeba na?
22. Wena othi akungaphingwa, uyaphinga na? Wena owenyanya isithombe, uphanga ithempeli na?
23. Wena ozibonga ngomthetho, udumaza uNkulunkulu ngokweqa umthetho na?
24. Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengalokho kulotshiwe.
25. Ngokuba ukusoka kuyasiza kambe, uma ugcina umthetho; kepha uma ungumeqi womthetho, ukusoka kwakho kuphenduka ukungasoki.
26. Ngakho-ke uma ongasokile egcina izimiso zomthetho, ukungasoki kwakhe akuyikubalwa ukuthi kungukusoka na?
27. Khona ongasokile ngokwemvelo, egcina umthetho, uzakwahlulela wena othi unombhalo nokusoka, weqe umthetho.
28. Ngokuba umJuda kakusiye onguye ngokubonwayo, nokusoka akusikho okubonwa enyameni;
29. kodwa umJuda yilowo onguye ngaphakathi, nokusoka kungokwenhliziyo, ngomoya kungengegama, okutuswa kwakhe kungaveli kubantu kepha kuNkulunkulu.
About AmaRoma Chapter 2
Read AmaRoma Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaRoma in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: AmaRoma
Chapter: 2
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaRoma. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading AmaRoma Chapter 2 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is AmaRoma Chapter 2?
AmaRoma Chapter 2 is part of the Book of AmaRoma in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete AmaRoma Chapter 2 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from amaroma
- AmaRoma Chapter 1
- AmaRoma Chapter 14
- AmaRoma Chapter 6
- AmaRoma Chapter 11
- AmaRoma Chapter 10
- AmaRoma Chapter 4
- AmaRoma Chapter 3
Explore More from ITestamente Elisha
- 2 Thimothewu Chapter 1
- 2 Korinte Chapter 9
- Luka Chapter 2
- 2 Johane Chapter 1
- KumaHeberu Chapter 13
- KumaHeberu Chapter 12
- Galathiya Chapter 1