1 Korinte Chapter 4

For English

Read 1 Korinte Chapter 4 Online

Read 1 Korinte Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Korinte in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 Korinte and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

1 Korinte 4

Isahluko 4

1. Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.

2. Futhi-ke kufuneka kubaphathi ukuba umuntu afunyanwe ekholekile.

3. Kepha kimina kuyinto encane impela ukuba ngahlulelwe yinina noma ngokwahlulela kwabantu; yebo, nami angizahluleli.

4. Ngokuba angizinyezi ngalutho ngokwami, nokho angilungisisiwe ngalokho; kepha ongahlulelayo yiNkosi.

5. Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.

6. Lokhu-ke, bazalwane, ngikuguqulele kimina naku-Apholo ngokulinganisa ngenxa yenu, ukuze nifunde kithi ukungeqisi kokulotshiweyo ukuba ningakhukhunyezwa, kungabi yilowo akhethe omunye kunomunye.

7. Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?

8. Senize nasutha, senize naceba, senabusa ngaphandle kwethu; yebo-ke sengathi ngabe niyabusa, ukuze nathi sibuse kanye nani.

9. Ngokuba ngithi kungathi uNkulunkulu usimisile thina baphostoli sibe ngabokugcina, sibe njengabanqunyelwe ukufa; ngokuba senziwe umbukwane wezwe nowezingelosi nowabantu.

10. Thina siyiziwula ngenxa kaKristu, kepha nina nihlakaniphile kuKristu; thina sibuthakathaka, kepha nina ninamandla; nina niyadunyiswa, kepha thina siyadunyazwa.

11. Kuze kube yisona lesi sikhathi silambile, somile, sihamba ze, siyamuhluzwa, siyimihambima,

12. siyakhandleka, sisebenza ngezandla zethu; sithi sithukwa, sibe sibusisa; sithi sizingelwa, sibe sibekezela;

13. sithi sihletshwa, sibe siphendula kahle; senziwe kungathi siyinsila yezwe, umphucuzo wezinto zonke kuze kube manje.

14. Angikulobi lokho ukuba nginithele amahloni, kodwa ukuba nginiluleke njengabantwana bami abathandekayo.

15. Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, nokho oyihlo kababaningi, ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli.

16. Ngakho-ke ngiyanincenga ukuthi: Yibani abalingisi bami.

17. Ngalokho-ke ngithumele kini uThimothewu ongumntanami othandekayo nothembekayo eNkosini, oyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.

18. Kepha abanye bakhukhumele ngokungathi angiyikuza kini;

19. kodwa ngizakuza kini masinyane, uma iNkosi ivuma, ukuze ngazi, angisho amazwi alaba abakhukhumeleyo kepha amandla abo.

20. Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngezwi kepha ngamandla.

21. Pho, nifunani? Ngize kini ngiphethe induku, noma ngize nginothando nomoya omnene na?

About 1 Korinte Chapter 4

Read 1 Korinte Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Korinte in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 1 Korinte
Chapter: 4
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 Korinte. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 1 Korinte Chapter 4 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 1 Korinte Chapter 4?

1 Korinte Chapter 4 is part of the Book of 1 Korinte in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 1 Korinte Chapter 4 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 1 Korinte

  1. 1 Korinte Chapter 1
  2. 1 Korinte Chapter 7
  3. 1 Korinte Chapter 16
  4. 1 Korinte Chapter 10
  5. 1 Korinte Chapter 8
  6. 1 Korinte Chapter 6
  7. 1 Korinte Chapter 12

Explore More from ITestamente Elisha

  1. Galathiya Chapter 4
  2. IsAmbulo Chapter 22
  3. 1 Petru Chapter 4
  4. Johane Chapter 2
  5. 2 Korinte Chapter 5
  6. 2 Korinte Chapter 3
  7. IzEnzo Chapter 1

Related Chapters & Readings

  1. AbAhluleli Chapter 21
  2. Zakariya Chapter 2
  3. 1 AmaKhosi Chapter 8
  4. IzAga Chapter 11
  5. Genesise Chapter 30
  6. Duteronomi Chapter 10
  7. Hezekeli Chapter 41
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *