AmaRoma Chapter 6

For English

Read AmaRoma Chapter 6 Online

Read AmaRoma Chapter 6 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaRoma in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaRoma and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

AmaRoma 6

Isahluko 6

1. Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na?

2. Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?

3. Kumbe anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKristu Jesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na?

4. Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.

5. Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo, siyakuba njalo nangokuvuka,

6. sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,

7. ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni.

8. Kepha uma safa kanye noKristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye,

9. sazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi, ukufa akusabusi phezu kwakhe.

10. Ngokuba ukufa, afa ngakho, wakufa kanye nje ngenxa yesono; kepha ukuphila akuphilayo ukuphilela uNkulunkulu.

11. Kanjalo nani manizisho ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKristu Jesu.

12. Ngakho makungabusi isono emzimbeni wenu ofayo, nize nilalele izinkanuko zawo;

13. futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga,

14. ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa.

15. Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye.

16. Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo, noma ezesono kube ngukufa noma ezokulalela kube ngukulunga, na?

17. Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono senilalela ngenhliziyo indlela yesifundiso enanikelwa kuyo

18. nokuthi, senikhululiwe esonweni, naba yizinceku zokulunga.

19. Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokho nanikela izitho zenu zibe yizinceku zamanyala nezokungalungi kwaba ngukungalungi, kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga kube ngukungcweliswa.

20. Ngokuba lapho nise yizinceku zesono, nanikhululekile maqondana nokulunga.

21. Ngaleso sikhathi naninezithelo zini na? Eseninezinhloni ngakho manje; ngokuba ukugcina kwalokho kungukufa.

22. Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.

23. Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

About AmaRoma Chapter 6

Read AmaRoma Chapter 6 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaRoma in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: AmaRoma
Chapter: 6
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaRoma. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading AmaRoma Chapter 6 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is AmaRoma Chapter 6?

AmaRoma Chapter 6 is part of the Book of AmaRoma in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete AmaRoma Chapter 6 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from amaroma

  1. AmaRoma Chapter 1
  2. AmaRoma Chapter 14
  3. AmaRoma Chapter 11
  4. AmaRoma Chapter 10
  5. AmaRoma Chapter 9
  6. AmaRoma Chapter 4
  7. AmaRoma Chapter 3

Explore More from ITestamente Elisha

  1. 1 Johane Chapter 4
  2. Luka Chapter 1
  3. 1 Thesalonika Chapter 2
  4. Mathewu Chapter 7
  5. IzEnzo Chapter 8
  6. IsAmbulo Chapter 21
  7. IzEnzo Chapter 1

Related Chapters & Readings

  1. 1 IziKronike Chapter 3
  2. Jobe Chapter 1
  3. 1 AmaKhosi Chapter 9
  4. Johane Chapter 12
  5. 1 AmaKhosi Chapter 3
  6. Genesise Chapter 18
  7. Duteronomi Chapter 16
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *