Read AmaRoma Chapter 9 Online
Read AmaRoma Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaRoma in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaRoma and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
AmaRoma 9
Isahluko 9
1. Ngikhuluma iqiniso ngikuKristu, angiqambi amanga, unembeza wami ufakazelana nami eMoyeni oNgcwele
2. ukuthi nginokudabuka okukhulu nobuhlungu obungapheliyo enhliziyweni yami.
3. Ngokuba ngingafisa ukuba mina uqobo ngibe ngoqalekisiweyo kuKristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokwenyama;
4. bona bangabakwa-Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo, nezivumelwano, nokumiswa komthetho, nenkonzo, nezithembiso,
5. abangababo okhokho avela kubo uKristu ngokwenyama, yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.
6. Akusikho okungathi izwi likaNkulunkulu liphuthile. Ngokuba asibo bonke abavela ku-Israyeli abangabakwa-Israyeli;
7. nakuba beyinzalo ka-Abrahama, bonke abasibo abantwana, kodwa kuthiwa: “Ngo-Isaka iyakubizwa inzalo yakho.”
8. Lokhu kungukuthi akusibo abantwana benyama abangabantwana bakaNkulunkulu labo, kodwa abantwana besithembiso bathiwa inzalo.
9. Ngokuba lingelesithembiso leli zwi lokuthi: “Ngalesi sikhathi ngizakufika; khona uSara uzakuba nendodana.”
10. Akuyilokhu kuphela, kodwa kwaba njalo nakuRebeka ekhulelisiwe ngoyedwa, u-Isaka, ukhokho wethu;
11. ngokuba bengakazalwa, bengakenzi okuhle nokubi, ukuze icebo likaNkulunkulu eliya ngokukhetha lime,
12. kungabi ngemisebenzi, kodwa kube ngaye obizayo, kwashiwo kuye ukuthi: “Omkhulu uyakukhonza omncane,”
13. njengalokho kulotshiwe ukuthi: “UJakobe ngamthanda, kepha u-Esawu ngamzonda.”
14. Ngakho siyakuthini na? Kukhona yini ukungalungi kuNkulunkulu na? Qha nakanye.
15. Ngokuba kuMose uthi: “Ngizakumhawukela engimhawukelayo, ngimzwele engimzwelayo.”
16. Ngakho-ke akuyi ngentando nangokuzikhathaza komuntu, kodwa kuya ngokuhawukela kukaNkulunkulu.
17. Ngokuba umbhalo uthi kuFaro: “Ngakuphakhamisela khona lokhu ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe nokuba igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.”
18. Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.
19. Usuzakuthi kimi: “Usasolelani yena na? Ngokuba ngubani ongamelana nentando yakhe na?”
20. O, wena muntu! Ungubani-ke wena ophikisana noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: “Wangenzelani ngaba njena na?”
21. Nokuba akanamandla yini umbumbi ebumbeni ukwenza ngesigaxa sisinye isitsha esinye esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na?
22. Uma, pho, uNkulunkulu, ethanda ukubonakalisa ulaka nokuveza amandla akhe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa
23. ukuba abonakalise ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa ayezilungisele inkazimulo ngaphambili,
24. thina asibizayo nathi, kungesikho kubaJuda kuphela kodwa nakwabezizwe?
25. Njengalokhu esho nakuHoseya ukuthi: “Ngiyakubiza abangesiso isizwe sami ngokuthi isizwe sami, nongathandiwe ngokuthi uthandiwe;
26. nasendaweni lapha kwathiwa kubo: ‘Anisibo abantu bami,’ lapho bayakubizwa ngokuthi: ‘Abantwana bakaNkulunkulu ophilayo.’ ”
27. U-Isaya umemeza ngo-Israyeli, uthi: “Nokuba umumo wabantwana bakwa-Israyeli ungangesihlabathi solwandle, yinsali eyakusindiswa,
28. ngokuba iNkosi iyakufeza izwi layo emhlabeni, iliphelelise, ikhawuleze,”
29. njengalokho washo u-Isaya ngaphambili ukuthi: “Uma iNkosi Sebawoti ibingasishiyelanga inzalo besiyakuba njengeSodoma, sifane neGomora.”
30. Ngakho siyakuthini na? Ukuthi abezizwe abangafunisisanga ukulunga batholile ukulunga, ukulunga kambe okungokukholwa;
31. kepha u-Israyeli, elandela umthetho wokulunga, kafinyelelanga emthethweni.
32. Ngani na? Ngokuba akubanga ngokukholwa kodwa kungathi ngemisebenzi; baqhuzuka etsheni lokuqhuzula,
33. njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, nokholwa yilo akayikujabha.”
About AmaRoma Chapter 9
Read AmaRoma Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaRoma in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: AmaRoma
Chapter: 9
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaRoma. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading AmaRoma Chapter 9 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is AmaRoma Chapter 9?
AmaRoma Chapter 9 is part of the Book of AmaRoma in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete AmaRoma Chapter 9 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from amaroma
- AmaRoma Chapter 15
- AmaRoma Chapter 16
- AmaRoma Chapter 14
- AmaRoma Chapter 1
- AmaRoma Chapter 3
- AmaRoma Chapter 11
- AmaRoma Chapter 10
Explore More from ITestamente Elisha
- Luka Chapter 11
- 2 Korinte Chapter 1
- IzEnzo Chapter 11
- Luka Chapter 3
- Marku Chapter 15
- IsAmbulo Chapter 17
- Filipi Chapter 3