Read AmaRoma Chapter 11 Online
Read AmaRoma Chapter 11 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaRoma in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaRoma and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
AmaRoma 11
Isahluko 11
1. Ngalokho ngithi: UNkulunkulu usilahlile isizwe sakhe na? Qha nakanye, ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abrahama, wesizwe sakwaBenjamini.
2. UNkulunkulu akasilahlanga isizwe sakhe ayesazi ngaphambili. Kumbe anazi yini ukuthi umbhalo uthini ngo-Eliya ukuba umangalela u-Israyeli kuNkulunkulu ngokuthi:
3. “Nkosi, bababulele abaprofethi bakho, badilizile ama-altare akho, mina ngisele ngedwa, sebefuna ukungibulala nami,” na?
4. Kepha impendulo kaNkulunkulu ithini kuye na? Ithi: “Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga ngamadolo kuBali.”
5. Kanjalo kukhona nangalesi sikhathi samanje insali ngokokukhetha komusa;
6. kepha uma kuya ngomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.
7. Kunjani, pho? Lokho u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kepha abakhethiweyo bakufumana, abanye benziwa baba lukhuni,
8. njengalokho kulotshiwe ukuthi: “UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo, amehlo okungaboni, nezindlebe zokungezwa, kuze kube lusuku lwanamuhla.”
9. NoDavide uthi: “Itafula labo malibe yisihibe nogibe, nesikhubekiso nempindiselo kubo,
10. kufiphazwe amehlo abo ukuba angaboni, ugobe umhlane wabo njalo.”
11. Ngakho ngithi: Bakhubeka ukuba bawe na? Qha nakanye; kepha ngesiphambeko sabo insindiso ifikile kwabezizwe ukubavusela umhawu.
12. Kepha uma isiphambeko sabo siyingcebo yezwe, nokuncipha kwabo kuyingcebo yabezizwe, pho, kakhulu kangakanani ukuphelela kwabo.
13. Ngikhuluma kini nina bezizwe. Njengokuba mina ngingumphostoli wabezizwe, ngidumisa ukukhonza kwami
14. ukuba mhlawumbe ngingabavusela umhawu abenyama yami, ngisindise abanye kubo.
15. Ngokuba uma ukulahlwa kwabo kungukubuyiswa kwezwe, ukwamukelwa kwabo kungaba yini, uma kungesikho ukuphila kwabafileyo na?
16. Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, namagatsha anjalo.
17. Kepha uma kwaphulwa amanye amagatsha, wena-ke ongumnqumo wasendle wafakelwa phakathi kwawo, wahlanganyela nawo impande yamafutha yomnqumo,
18. ungazigabisi phezu kwamagatsha; kepha uma uzigabisa, akusuwe othwele impande, kepha yimpande ethwele wena.
19. Uzakuthi-ke wena: “Amagatsha aphulwa ukuba mina ngifakelwe.”
20. Kulungile; aphulwa ngokungakholwa, wena-ke umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kepha yesaba;
21. ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga amagatsha emvelo, nawe angeze akuyeka.
22. Bheka-ke ububele nobukhali bukaNkulunkulu; ubukhali kulabo abawayo kepha kuwe ububele bukaNkulunkulu, uma uhlala ebubeleni; uma kungenjalo, uzakunqunywa nawe.
23. Nalabo uma bengahlali ekungakholweni, bayakufakelwa, ngokuba uNkulunkulu unamandla okubafakela futhi.
24. Ngokuba uma wena wanqunywa emnqumweni ongowasendle ngemvelo, wafakelwa emnqumweni omuhle ngokuphambene nemvelo, ikakhulu labo abangabemvelo bayakufakelwa emnqumweni wakubo.
25. Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo, ukuthi inxenye ka-Israyeli yehlelwe ngubulukhuni, kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo;
26. kanjalo u-Israyeli wonke uyakusindiswa, njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Kuyakuvela eSiyoni uMhlangulisi, asuse ukungalungi kuJakobe.
27. Yilesi isivumelwano sami nabo, lapho ngisusa izono zabo.”
28. Ngokwevangeli bayizitha ngenxa yenu, kepha ngokukhethwa bangabathandiweyo ngenxa yawokhokho,
29. ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho.
30. Ngokuba njengalokho nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kepha manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabo,
31. kanjalo nalaba kalokhu abalalelanga, ukuze ngomusa enenzelwe wona nabo bahawukelwe manje.
32. Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.
33. Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!
34. Ngokuba “ngubani owawazi umqondo weNkosi na? Nokuba ngubani owaba ngumeluleki wayo na?”
35. Noma “ngubani owaqala ukuyipha ukuba kubuyiselwe kuye na?”
36. Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kuya kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.
About AmaRoma Chapter 11
Read AmaRoma Chapter 11 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaRoma in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: AmaRoma
Chapter: 11
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaRoma. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading AmaRoma Chapter 11 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is AmaRoma Chapter 11?
AmaRoma Chapter 11 is part of the Book of AmaRoma in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete AmaRoma Chapter 11 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from amaroma
- AmaRoma Chapter 6
- AmaRoma Chapter 1
- AmaRoma Chapter 14
- AmaRoma Chapter 10
- AmaRoma Chapter 9
- AmaRoma Chapter 4
- AmaRoma Chapter 3
Explore More from ITestamente Elisha
- EkaJakobe Chapter 3
- AmaRoma Chapter 8
- Mathewu Chapter 7
- Luka Chapter 5
- Marku Chapter 7
- Johane Chapter 8
- 1 Korinte Chapter 9