Efesu Chapter 6

For English

Read Efesu Chapter 6 Online

Read Efesu Chapter 6 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Efesu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Efesu and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Efesu 6

Isahluko 6

1. Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile.

2. Yazisa uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso:

3. ukuze kube kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni.

4. Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.

5. Zinceku, abangamakhosi enu ngokwenyama, balaleleni ngokwesaba nokuthuthumela ngobuqotho benhliziyo yenu kungathi kukuKristu,

6. ningathengi amehlo njengabathokozisa abantu, kodwa njengezinceku zikaKristu nenze intando kaNkulunkulu ngenhliziyo,

7. nikhonze ngothando kungathi kuseNkosini kungekubantu,

8. nazi ukuthi konke okuhle yilowo nalowo akwenzayo, uzakukwamukela okunjalo eNkosini, noma eyinceku noma engokhululekileyo.

9. Nani makhosi, yenzani okunjalo kuzo, niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye.

10. Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.

11. Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane;

12. ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.

13. Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.

14. Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga,

15. izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula;

16. kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi,

17. namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu,

18. ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,

19. ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi, nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli;

20. engiyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.

21. Kepha ukuba nani nazi okuqondene nami nalokhu engikwenzayo, uyakunazisa konke uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo eNkosini,

22. engamthumela kini ngakho lokho ukuba nazi izindaba zethu, nokuba aduduze izinhliziyo zenu.

23. Ukuthula makube kubazalwane, nothando kanye nokukholwa okuvela kuNkulunkulu uYise naseNkosini uJesu Kristu.

24. Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Kristu ngokunganqamukiyo.

About Efesu Chapter 6

Read Efesu Chapter 6 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Efesu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Efesu
Chapter: 6
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Efesu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Efesu Chapter 6 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Efesu Chapter 6?

Efesu Chapter 6 is part of the Book of Efesu in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Efesu Chapter 6 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from éfésù

  1. Efesu Chapter 5
  2. Efesu Chapter 4
  3. Efesu Chapter 3
  4. Efesu Chapter 2
  5. Efesu Chapter 1

Explore More from ITestamente Elisha

  1. KumaHeberu Chapter 1
  2. Galathiya Chapter 3
  3. AmaRoma Chapter 3
  4. IzEnzo Chapter 3
  5. KumaHeberu Chapter 10
  6. 1 Korinte Chapter 10
  7. 1 Thesalonika Chapter 2

Related Chapters & Readings

  1. Numeri Chapter 34
  2. Genesise Chapter 5
  3. 1 IziKronike Chapter 17
  4. Zakariya Chapter 12
  5. KumaHeberu Chapter 2
  6. Hezekeli Chapter 33
  7. Jobe Chapter 9
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *