EkaJakobe Chapter 3

For English

Read EkaJakobe Chapter 3 Online

Read EkaJakobe Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of EkaJakobe in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of EkaJakobe and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

EkaJakobe 3

Isahluko 3

1. Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu.

2. Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.

3. Uma-ke sifaka amatomu emilonyeni yamahashi ukuba asilalele, siqondisa nomzimba wonke wawo.

4. Bhekani nemikhumbi, ingaka nje, iqhutshwa yimimoya enamandla, iqondiswa ngephini elincinyane, lapho umshayeli efuna ukuyiqondisa khona.

5. Lunjalo nolimi; luyisitho esincane, kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka;

6. nolimi lungumlilo, ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela ukuphila konke, luthungelwa yisihogo.

7. Ngokuba yonke imvelo yezilwane, neyezinyoni, neyezikhasayo, neyeziselwandle iyathanjiswa, yebo, yathanjiswa ngemvelo yabantu;

8. kepha ulimi akakho kubantu onamandla okuluthambisa; lungububi obuyaluzayo, lugcwele isihlungu esibulalayo.

9. Ngalo sibonga iNkosi uBaba, nangalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu;

10. emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.

11. Umthombo uyakhipha yini amnandi nababayo emgodini munye na?

12. Umkhiwane, bazalwane bami, ungaba namandla yini okuthela izithelo zomnqumo, noma umvini amakhiwane na? Amanzi kasawoti angeveze amnandi.

13. Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.

14. Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso.

15. Lokhu kuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba, kungokwemvelo, kungokwamademoni;

16. ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi.

17. Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.

18. Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.

About EkaJakobe Chapter 3

Read EkaJakobe Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of EkaJakobe in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: EkaJakobe
Chapter: 3
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading EkaJakobe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading EkaJakobe Chapter 3 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is EkaJakobe Chapter 3?

EkaJakobe Chapter 3 is part of the Book of EkaJakobe in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete EkaJakobe Chapter 3 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ekajakobe

  1. EkaJakobe Chapter 2
  2. EkaJakobe Chapter 5
  3. EkaJakobe Chapter 1
  4. EkaJakobe Chapter 4

Explore More from ITestamente Elisha

  1. Johane Chapter 5
  2. 2 Thimothewu Chapter 2
  3. IzEnzo Chapter 1
  4. 1 Korinte Chapter 11
  5. IsAmbulo Chapter 5
  6. IsAmbulo Chapter 11
  7. KumaHeberu Chapter 6

Related Chapters & Readings

  1. Jobe Chapter 5
  2. Numeri Chapter 23
  3. Hezekeli Chapter 17
  4. Jeremiya Chapter 52
  5. Daniyeli Chapter 6
  6. Isaya Chapter 7
  7. Isaya Chapter 33
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *