IsAmbulo Chapter 2

For English

Read IsAmbulo Chapter 2 Online

Read IsAmbulo Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IsAmbulo in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IsAmbulo and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

IsAmbulo 2

Isahluko 2

1. “Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, uthi:

2. Ngiyayazi imisebenzi yakho, nemizamo yakho, nokubekezela kwakho, nokuthi kawunakubamela ababi; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga;

3. unokubekezela, wakhuthazela ngenxa yegama lami, kawukhathalanga.

4. “Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uluyekile uthando lwakho lwakuqala;

5. ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngilususe uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma ungaphenduki.

6. Kepha unalokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikolawu engiyizondayo nami.

7. “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila oseParadisi likaNkulunkulu.

8. “Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi: “Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile kepha osephila, uthi:

9. Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho — kanti ucebile — nenhlamba yabathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge likaSathane.

10. Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.

11. “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.

12. “Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, uthi:

13. Ngiyazi lapho wakhe khona: lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane; nokho ulibambisisile igama lami, kawuphikanga inkolo yami nasemihleni ka-Antipase, ufakazi wami, othembekayo wami, owabulawa phakathi kwenu lapho uSathane wakhe khona.

14. “Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngawe, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.

15. Futhi-ke nawe unabo ababambisisa isifundiso samaNikolawu ngokunjalo.

16. Ngakho-ke phenduka; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe masinyane, ngiyakulwa nabo ngenkemba yomlomo wami.

17. “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana elifihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, nasetsheni kulotshiwe igama elisha elingaziwa muntu, ngolamukelayo kuphela.

18. “Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi: “Nakhu ekushoyo iNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo, ithi:

19. Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukholwa, nokukhonza, nokubekezela kwakho, nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala.

20. “Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uvumela owesifazane uJezabeli ozisho ukuthi ungumprofethikazi, afundise, adukise izinceku zami ukuba zifebe, zidle okuhlatshelwe izithombe;

21. ngamnika isikhathi sokuba aphenduke, kepha kavumi ukuphenduka ekufebeni kwakhe.

22. Bheka, ngiyamphonsa embhedeni, nabaphinga naye ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yakhe;

23. ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.

24. Kodwa ngithi kinina eniseleyo eThiyathira, nonke eningenaso lesi sifundiso, eningakwaziyo okujulileyo kukaSathane njengabakushoyo: Kangiphonsi phezu kwenu omunye umthwalo;

25. kepha lokho eninakho, kubambisiseni ngize ngifike.

26. “Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni lowo ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe;

27. uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphahlazwe njengezitsha ezibunjiweyo, njengalokhu nami ngamukelisiwe nguBaba;

28. futhi ngiyakumnika inkanyezi yokusa.

29. Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.

About IsAmbulo Chapter 2

Read IsAmbulo Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IsAmbulo in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: IsAmbulo
Chapter: 2
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IsAmbulo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading IsAmbulo Chapter 2 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is IsAmbulo Chapter 2?

IsAmbulo Chapter 2 is part of the Book of IsAmbulo in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete IsAmbulo Chapter 2 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from isambulo

  1. IsAmbulo Chapter 16
  2. IsAmbulo Chapter 10
  3. IsAmbulo Chapter 7
  4. IsAmbulo Chapter 3
  5. IsAmbulo Chapter 1
  6. IsAmbulo Chapter 13
  7. IsAmbulo Chapter 9

Explore More from ITestamente Elisha

  1. 2 Korinte Chapter 8
  2. Kolose Chapter 1
  3. 1 Thesalonika Chapter 1
  4. Marku Chapter 15
  5. Johane Chapter 21
  6. 1 Petru Chapter 4
  7. 2 Thesalonika Chapter 2

Related Chapters & Readings

  1. Eksodusi Chapter 6
  2. 1 IziKronike Chapter 1
  3. AmaHubo Chapter 10
  4. Genesise Chapter 37
  5. 1 Samuweli Chapter 3
  6. Numeri Chapter 34
  7. Isaya Chapter 24
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *