2 Korinte Chapter 3

For English

Read 2 Korinte Chapter 3 Online

Read 2 Korinte Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Korinte in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 Korinte and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

2 Korinte 3

Isahluko 3

1. Sesiqala futhi ukuzincoma na? Kumbe siyadinga yini njengabanye izincwadi zokusincoma eziza kini noma ezivela kini na?

2. Nina niyincwadi yethu elotshwe ezinhliziyweni zethu, eyaziwa ifundwa ngabantu bonke,

3. nibonakala ukuthi niyincwadi kaKristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, ilotshiwe kungengoyinki kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo, kungabi sezibhebheni zamatshe kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.

4. Kepha sinethemba elinjalo ngoKristu kuNkulunkulu,

5. kungesikho ukuthi singaba namandla ngokwethu okucabanga ngotho ukuthi luvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,

6. oyena futhi osenzela amandla okuba yizikhonzi zesivumelwano esisha, singesiso esegama kodwa esikaMoya; ngokuba igama liyabulala, kodwa uMoya uyaphilisa.

7. Kepha uma inkonzo yokufa, enamagama aqoshiwe ematsheni, yafika inenkazimulo, ngangokuba abantwana bakwa-Israyeli babengenakubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe eyayingephelayo,

8. pho, inkonzo kaMoya ayiyikuba nenkazimulo kakhulu kunayo na?

9. Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa ibinenkazimulo, ikakhulu inkonzo yokulunga inenkazimulo enkulu kakhulu.

10. Ngokuba nalokho okwakhazimuliswayo kwakungenankazimulo, uma kulinganiswa nenkazimulo lena edluleleyo.

11. Ngokuba uma lokho obekuzakuphela kwaba nenkazimulo, ikakhulu okumiyo njalo kunenkazimulo.

12. Ngakho-ke, lokhu sinethemba elinjalo, sinesibindi sonke,

13. asenzi njengoMose owamboza ubuso bakhe ngendwangu, ukuze abantwana bakwa-Israyeli bangakubuki ukugcina kwalokho obekuzakuphela.

14. Kodwa ingqondo yabo yaba lukhuni. Ngokuba kuze kube sosukwini lwanamuhla, nxa kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isahlezi ingambuliwe, ngokuba iyapheliswa kuKristu;

15. yebo, kuze kube namuhla, nxa kufundwa uMose, indwangu isayimbozile inhliziyo yabo;

16. kepha nxa iphendukela eNkosini, indwangu iyasuswa.

17. INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.

18. Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.

About 2 Korinte Chapter 3

Read 2 Korinte Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Korinte in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 2 Korinte
Chapter: 3
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 Korinte. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 2 Korinte Chapter 3 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 2 Korinte Chapter 3?

2 Korinte Chapter 3 is part of the Book of 2 Korinte in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 2 Korinte Chapter 3 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 2-korinte

  1. 2 Korinte Chapter 12
  2. 2 Korinte Chapter 4
  3. 2 Korinte Chapter 13
  4. 2 Korinte Chapter 11
  5. 2 Korinte Chapter 5
  6. 2 Korinte Chapter 9
  7. 2 Korinte Chapter 8

Explore More from ITestamente Elisha

  1. 2 Korinte Chapter 6
  2. Luka Chapter 12
  3. 2 Johane Chapter 1
  4. Mathewu Chapter 26
  5. IsAmbulo Chapter 19
  6. 2 Korinte Chapter 7
  7. Marku Chapter 16

Related Chapters & Readings

  1. Eksodusi Chapter 19
  2. 1 Samuweli Chapter 4
  3. Genesise Chapter 43
  4. KumaHeberu Chapter 2
  5. AmaHubo Chapter 26
  6. AmaHubo Chapter 6
  7. Hezekeli Chapter 3
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *