Luka Chapter 14

For English

Read Luka Chapter 14 Online

Read Luka Chapter 14 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Luka in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Luka and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Luka 14

Isahluko 14

1. Kwathi ekungeneni kwakhe ngesabatha endlini yomunye waba yizikhulu kubaFarisi ukuba adle ukudla, bona uqobo babemqaphele.

2. Bheka, kwavela phambi kwakhe umuntu othile owayenesifo samanzi.

3. UJesu wathatha, wathi kuzo izazimthetho nabaFarisi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha noma qha?”

4. Kepha bathula. Wayesemphatha, wamphulukisa, wammukisa.

5. Wathi kubo: “Ngumuphi kini ongathi indodana noma inkabi iyele emgodini, angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha, na?”

6. Bahluleka ukuphendula kulokho.

7. Wabalandisa abamenyiweyo umfanekiso, ebona ukuzikhethela kwabo izihlalo eziphambili, wathi kubo:

8. “Nxa umenyiwe ngumuntu ukuya emshadweni, ungahlali esihlalweni esiphambili, funa ngabe ukhona omkhulu kunawe omenyiwe nguye,

9. eze yena onimeme wena naye, athi: ‘Mdedele lo;’ khona uqale uhlale kwesisenzansi unamahloni.

10. Kepha nxa umenyiwe, hamba uhlale endaweni esenzansi ukuba, nxa efika okumemileyo, athi kuwe: ‘Mhlobo, yenyukela enhla;’ khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe ekudleni.

11. Ngokuba oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.”

12. Wathi nakommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma esakusihlwa, ungabizi abahlobo bakho, nabafowenu, nomndeni wakho, nabakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, kube khona ukwenanana.

13. Kepha uma wenza isidlo, mema abampofu, nezinyonga, nezimpumputhe;

14. uyakubusiswa-ke, ngokuba bangekwenanisele; uyakwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.”

15. Esezwile lokho omunye wababehlezi naye ekudleni, wathi kuye: “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.”

16. Kepha wathi kuye: “Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abaningi.

17. Ngesikhathi sedili wathuma inceku yakhe ukuba isho kwabamenyiweyo ukuthi: ‘Zanini, ngokuba sekulungisiwe konke.’

18. “Kepha bonke baqala ukuzilandulela ngazwi linye; owokuqala wathi kuye: ‘Ngithengile insimu, kuswelekile ukuba ngiye ngiyibone; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’

19. “Omunye wathi: ‘Ngithengile izinkabi eziyishumi, sengiya ukuzilinga; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’

20. “Omunye wathi: ‘Ngithathile umfazi, ngalokho ngingeze.’

21. “Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: ‘Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.’

22. “Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe ngokuyala kwakho; kepha isekhona indawo.’

23. “Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele bangene ukuba igcwale indlu yami.

24. Ngokuba ngithi kini: Ayikho neyodwa yalawo madoda abemenyiwe eyakulizwa idili lami.’ ”

25. Kwakuhamba naye izixuku eziningi; waphenduka, wathi kuzo:

26. “Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe, angebe ngumfundi wami.

27. Nalowo ongathwali isiphambano sakhe, angilandele, angebe ngumfundi wami.

28. “Ngokuba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na?

29. Funa kuthi esebeke isisekelo, engenamandla okuqeda, bonke abakubonayo baqale ukumhleka,

30. bathi: ‘Lo muntu waqala kabanga namandla okuqeda.’

31. “Noma yiyiphi inkosi eya kwenye inkosi ukuhlaselana nayo engaqali ihlale phansi, ihlole ukuba inamandla yini ukuhlangabezana ngezinkulungwane eziyishumi naleyo eza kuyo, inezinkulungwane ezingamashumi amabili na?

32. Kepha uma kungenzeke, ingathi isekude leyo, ithuma amanxusa, icele okokuthula.

33. Kunjalo-ke yilowo nalowo kini ongavalelisi nakho konke anakho angebe ngumfundi wami.

34. “Usawoti uyinto enhle; kepha uma usawoti edumele, uyakuhlaziywa ngani na?

35. Akasafanele namhlabathi namquba; uyalahlwa nje phandle; onezidlebe zokuzwa makezwe.”

About Luka Chapter 14

Read Luka Chapter 14 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Luka in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Luka
Chapter: 14
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Luka. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Luka Chapter 14 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Luka Chapter 14?

Luka Chapter 14 is part of the Book of Luka in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Luka Chapter 14 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elisha

  1. IsAmbulo Chapter 16
  2. Mathewu Chapter 1
  3. IsAmbulo Chapter 10
  4. IsAmbulo Chapter 3
  5. IsAmbulo Chapter 2
  6. IsAmbulo Chapter 7
  7. IsAmbulo Chapter 1

Explore More from Luka

  1. Luka Chapter 20
  2. Luka Chapter 11
  3. Luka Chapter 9
  4. Luka Chapter 16
  5. Luka Chapter 24
  6. Luka Chapter 24
  7. Luka Chapter 13

Related Chapters & Readings

  1. IzEnzo Chapter 21
  2. 2 Samuweli Chapter 20
  3. Marku Chapter 7
  4. AmaHubo Chapter 140
  5. Mathewu Chapter 8
  6. 1 AmaKhosi Chapter 19
  7. Amose Chapter 6
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *