Read 2 Korinte Chapter 12 Online
Read 2 Korinte Chapter 12 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Korinte in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 Korinte and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
2 Korinte 12
Isahluko 12
1. Kumelwe ukuba ngizibonge noma kungasizi; kepha sengizakuphatha imibono nezambulo zeNkosi.
2. Ngiyamazi umuntu ekuKristu, sekuyiminyaka eyishumi nane — nakuba wayesemzimbeni angazi, nakuba wayengaphandle komzimba angazi, nguNkulunkulu owaziyo — onjalo wahlwithwa wayiswa kwelesithathu izulu.
3. Yebo, ngiyamazi umuntu onjalo — nakuba wayesemzimbeni, nakuba wayengekho emzimbeni, angazi, nguNkulunkulu owaziyo —
4. ukuthi wahlwithwa wayiswa eParadisi, wezwa amazwi angakhulumekiyo, okungavunyelwe ukuba umuntu awakhulume.
5. Ngonjalo ngizakuzibonga, kepha ngami uqobo angizukuzibonga, kuphela ngobuthakathaka bami.
6. Ngokuba noma bengingathanda ukuzibonga, bengingezukuba yisiwula; ngokuba bengizakube ngikhuluma iqiniso, kepha ngiyayeka, funa umuntu acabange ngami okungaphezu kwalokho angibona ngiyikho nakuzwayo kimi.
7. Ngalokho ukuze ngingaziphakamisi kakhulu ngobukhulu bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba ingimukule, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.
8. Ngayo-ke nganxusa iNkosi kathathu ukuba isuke kimi.
9. Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
10. Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.
11. Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kwakufanele ukuba nginconywe yinina. Ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho.
12. Impela izibonakaliso zobuphostoli zenziwe kini ngokukhuthazela konke, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla.
13. Ngokuba nancishwani kunamanye amabandla, uma kungeyilokho ukuthi mina angibanga mthwalo kini na? Ngithetheleleni lelo cala.
14. Bhekani, sekungokwesithathu ngilungele ukuza kini; angiyikuba mthwalo kini, ngokuba angifuni okwenu, kodwa ngifuna nina. Ngokuba akubantwana abafanele ukuqongelela abazali, kodwa abazali baqongelela abantwana.
15. Kepha ngokujabula okukhulu ngiyakunikela konke, yebo, ngizinikele mina ngenxa yemiphefumulo yenu. Uma nginithanda kakhulu, kanti kuyilapho ngithandwa kancane na?
16. Kepha makube ngukuthi anginisindanga mina, kodwa lokhu ngiyisihlakaniphi, nganibamba ngobuqili.
17. Ngake nganiqilizela yini ngomunye walabo engabathumela kini na?
18. Nganxusa uThithu, ngathuma kanye naye umzalwane; uThithu wake waniqilizela na? Asihambanga ngamoya munye na? Nangamkhondo munye na?
19. Kade nicabanga ukuthi siyaziphendulela kini. Thina sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu; kepha konke, bathandwa, kwenzelwa ukwakhiwa kwenu.
20. Ngokuba nginovalo lokuthi ekufikeni kwami mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikuthandayo, nami ngifunyanwe yinina nginjengalokho eningakuthandiyo, mhlawumbe kube khona ukuphikisana, nomhawu, nokuthukuthela, nemibango, nenhlebo, nokuceba, nokukhukhumala, neziyaluyalu,
21. funa kuthi ekufikeni kwami futhi uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abakade bonile, bengaphendukanga kukho ukungcola nobufebe namanyala abakwenzileyo.
About 2 Korinte Chapter 12
Read 2 Korinte Chapter 12 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Korinte in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 2 Korinte
Chapter: 12
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 Korinte. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 2 Korinte Chapter 12 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 2 Korinte Chapter 12?
2 Korinte Chapter 12 is part of the Book of 2 Korinte in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 2 Korinte Chapter 12 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 2-korinte
- 2 Korinte Chapter 4
- 2 Korinte Chapter 13
- 2 Korinte Chapter 11
- 2 Korinte Chapter 5
- 2 Korinte Chapter 9
- 2 Korinte Chapter 8
- 2 Korinte Chapter 6
Explore More from ITestamente Elisha
- AmaRoma Chapter 7
- KumaHeberu Chapter 1
- Filipi Chapter 4
- EkaJakobe Chapter 3
- 1 Korinte Chapter 3
- IzEnzo Chapter 1
- 1 Petru Chapter 2