1 Korinte Chapter 9

For English

Read 1 Korinte Chapter 9 Online

Read 1 Korinte Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Korinte in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 Korinte and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

1 Korinte 9

Isahluko 9

1. Angikhululekile na? Angisiye umphostoli na? Angimbonanga uJesu iNkosi yethu na? Nina anisiwo umsebenzi wami eNkosini na?

2. Noma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina.

3. Lokhu kungukuziphendulela kwami kwabangisolayo.

4. Asinalungelo yini lokudla nokuphuza na?

5. Asinalungelo yini lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase, na?

6. Kanti yimi kuphela noBarnaba esingenalungelo lokuyeka ukusebenza na?

7. Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angazidli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na?

8. Lokho ngikusho ngokwabantu nje na? Nomthetho kambe kawusho khona lokho na?

9. Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi: “Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula amabele.” Konje uNkulunkulu ukhathalela izinkabi na?

10. Noma ukusho ngenxa yethu impela na? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu, ngokuba olimayo kufanele alime enethemba, nobhulayo abhule enethemba lokwabelwa naye.

11. Uma thina sihlwanyele kini okomoya, kuyinto enkulu yini, uma sizovuna okwenu kwenyama na?

12. Uma abanye behlanganyela lawo mandla phezu kwenu, kungebe yithi kakhulu na? Nokho asilisebenzisanga lelo gunya, kepha sibekezela ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKristu.

13. Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli nokuthi abakhonza e-altare bahlanganyela ne-altare na?

14. Ngokunjalo iNkosi imisile ukuba abamemezela ivangeli baphile ngevangeli.

15. Kepha mina angisebenzisanga lutho lwalezo zinto; futhi lokho angikulobanga ukuba kwenziwe kanjalo kimi; ngokuba kungaba ngcono kimi ukuba ngife kunokuba umuntu alwenz' ize udumo lwami.

16. Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginaludumo ngalokho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!

17. Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuzithandela kwami, nginomvuzo; kepha uma kungengakho ukuzithandela kwami, khona-ke kungumsebenzi engiwuphathisiweyo.

18. Pho, uyini umvuzo wami na? Uyilokhu ukuba nxa ngishumayela ivangeli, ngikwenze ukuba ivangeli lingabizi lutho, ukuze ngingasebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini.

19. Ngokuba noma ngikhululekile kubo bonke, ngazenza isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi.

20. KubaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho, noma ngingephansi komthetho mina, ukuze ngizuze abaphansi komthetho;

21. kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho, ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kepha ngiphansi komthetho kaKristu, ukuze ngizuze abangenamthetho;

22. kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka; sengaba yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye.

23. Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulona.

24. Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole.

25. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.

26. Ngakho-ke mina ngiyagijima kungengokungathi kangiqondi; ngiyagadla kungengokungathi ngishaya umoya.

27. Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.

About 1 Korinte Chapter 9

Read 1 Korinte Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Korinte in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 1 Korinte
Chapter: 9
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 Korinte. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 1 Korinte Chapter 9 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 1 Korinte Chapter 9?

1 Korinte Chapter 9 is part of the Book of 1 Korinte in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 1 Korinte Chapter 9 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 1 Korinte

  1. 1 Korinte Chapter 1
  2. 1 Korinte Chapter 11
  3. 1 Korinte Chapter 5
  4. 1 Korinte Chapter 3
  5. 1 Korinte Chapter 15
  6. 1 Korinte Chapter 4
  7. 1 Korinte Chapter 13

Explore More from ITestamente Elisha

  1. Mathewu Chapter 6
  2. IsAmbulo Chapter 16
  3. Filipi Chapter 2
  4. IsAmbulo Chapter 6
  5. 1 Thesalonika Chapter 4
  6. 1 Petru Chapter 2
  7. 1 Petru Chapter 3

Related Chapters & Readings

  1. Esteri Chapter 5
  2. KumaHeberu Chapter 6
  3. IzAga Chapter 22
  4. Isaya Chapter 3
  5. 1 IziKronike Chapter 3
  6. Jeremiya Chapter 52
  7. Efesu Chapter 3
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *