2 Korinte Chapter 6

For English

Read 2 Korinte Chapter 6 Online

Read 2 Korinte Chapter 6 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Korinte in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 Korinte and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

2 Korinte 6

Isahluko 6

1. Kepha thina esisebenza kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu —

2. ngokuba uthi: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile, nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa;” bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso; —

3. asibekeli muntu nasinye isikhubekiso nangokukodwa, funa inkonzo yethu isolwe,

4. kepha kukho konke sizibonakalisa njengezikhonzi zikaNkulunkulu ekubekezeleni okukhulu, nasosizini, nasekusweleni, nasekubandezekeni,

5. nasekushayweni, nasekuboshweni, naseziyaluyalwini, nasekukhandlekeni, nasekuqwasheni, nasekuzileni ukudla,

6. nangenhlanzeko, nangokwazi, nangokubekezela, nangobumnene, nangoMoya oNgcwele, nangothando olungazenzisi,

7. nangezwi leqiniso, nangamandla kaNkulunkulu, nangezikhali zokulunga zesokunene nezesokhohlo,

8. ngodumo nangehlazo, ngokuhletshwa nangokutuswa, njengabakhohlisi kanti singabeqiniso,

9. njengabangaziwayo kanti saziwa kakhulu, njengabafayo kanti bheka, siyaphila, njengabalaywayo kanti asibulawa,

10. njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.

11. Umlomo wethu uvulekele ngakini nina baseKorinte, inhliziyo yethu yanulekile;

12. aninyinyekile kithi, kodwa ninyinyekile ezinhliziyweni zenu;

13. kepha ukuze kube khona ukwenanana, ngikhuluma njengakubantwana, yanulekani nani.

14. Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?

15. Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?

16. Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”

17. “Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,

18. ngibe nguYihlo kini, nina nibe ngamadodana namadodakazi kimi, isho iNkosi uSomandla.”

About 2 Korinte Chapter 6

Read 2 Korinte Chapter 6 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Korinte in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 2 Korinte
Chapter: 6
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 Korinte. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 2 Korinte Chapter 6 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 2 Korinte Chapter 6?

2 Korinte Chapter 6 is part of the Book of 2 Korinte in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 2 Korinte Chapter 6 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 2-korinte

  1. 2 Korinte Chapter 4
  2. 2 Korinte Chapter 12
  3. 2 Korinte Chapter 3
  4. 2 Korinte Chapter 7
  5. 2 Korinte Chapter 11
  6. 2 Korinte Chapter 9
  7. 2 Korinte Chapter 5

Explore More from ITestamente Elisha

  1. 2 Johane Chapter 1
  2. 2 Korinte Chapter 10
  3. 2 Korinte Chapter 1
  4. Johane Chapter 10
  5. KuThithu Chapter 2
  6. Johane Chapter 14
  7. IzEnzo Chapter 4

Related Chapters & Readings

  1. Jobe Chapter 37
  2. 1 IziKronike Chapter 17
  3. IzEnzo Chapter 4
  4. Genesise Chapter 3
  5. AmaHubo Chapter 108
  6. Isaya Chapter 14
  7. 3 Johane Chapter 1
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *