Mathewu Chapter 5

For English

Read Mathewu Chapter 5 Online

Read Mathewu Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Mathewu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Mathewu and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Mathewu 5

Isahluko 5

1. Kwathi ebona izixuku, wenyukela entabeni; esehlezi phansi, abafundi bakhe beza kuye.

2. Wayesevula umlomo wakhe, wabafundisa wathi:

3. “Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.

4. Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.

5. Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.

6. Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.

7. Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.

8. Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakubona uNkulunkulu.

9. Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.

10. Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.

11. “Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.

12. Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.

13. “Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu.

14. “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke.

15. Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini.

16. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.

17. “Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa.

18. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.

19. Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.

20. Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.

21. “Nizwile kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungabulali; yilowo nalowo obulalayo uyakuba necala lokwahlulelwa.’

22. Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba necala lokwahlulelwa; noshoyo kumfowabo ukuthi: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini; noshoyo ukuthi: ‘Siwula,’ uyakuba necala lokulahlwa esihogweni somlilo.

23. “Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho e-altare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unamagqubu nawe,

24. shiya lapho umnikelo wakho phambi kwe-altare, uhambe kuqala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho.

25. “Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni.

26. Ngiqinisile ngithi kuwe: Kawusoze waphuma khona, uze ukhiphe ifadingi lokugcina.

27. “Nizwile kwathiwa: ‘Ungaphingi.’

28. Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.

29. Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.

30. Noma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.

31. “Kwathiwa: ‘Yilowo nalowo olahla umkakhe kamnike incwadi yesahlukaniso.’

32. Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo uyaphinga.

33. “Nizwile futhi kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi amanga, kepha uqinise izifungo zakho eNkosini.’

34. Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye, noma izulu, ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu,

35. noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu.

36. Ungafungi nekhanda lakho, ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe nokuba lube mnyama.

37. Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.

38. “Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’

39. Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.

40. Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi.

41. Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela libe linye, hamba naye abe mabili.

42. Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe.

43. “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’

44. Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo

45. ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.

46. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?

47. Futhi uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza lukhulu luni na? Abenzi njalo nabezizwe na?

48. Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.

About Mathewu Chapter 5

Read Mathewu Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Mathewu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Mathewu
Chapter: 5
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Mathewu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Mathewu Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Mathewu Chapter 5?

Mathewu Chapter 5 is part of the Book of Mathewu in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Mathewu Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elisha

  1. IsAmbulo Chapter 16
  2. Mathewu Chapter 1
  3. IsAmbulo Chapter 10
  4. IsAmbulo Chapter 3
  5. IsAmbulo Chapter 2
  6. IsAmbulo Chapter 7
  7. IsAmbulo Chapter 1

Explore More from mathewu

  1. Mathewu Chapter 23
  2. Mathewu Chapter 22
  3. Mathewu Chapter 17
  4. Mathewu Chapter 4
  5. Mathewu Chapter 19
  6. Mathewu Chapter 14
  7. Mathewu Chapter 20

Related Chapters & Readings

  1. UmShumayeli Chapter 10
  2. IsAmbulo Chapter 8
  3. Numeri Chapter 9
  4. AmaHubo Chapter 22
  5. Duteronomi Chapter 16
  6. IzEnzo Chapter 27
  7. AmaHubo Chapter 10
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *