Read 2 Korinte Chapter 9 Online
Read 2 Korinte Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Korinte in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 Korinte and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
2 Korinte 9
Isahluko 9
1. Ngokuba maqondana nokukhonza abangcwele akuswelekile ukuba nginilobele,
2. ngokuba ngiyalwazi uthando lwenu engizincoma ngalo ngani kwabaseMakedoniya, uma ngithi i-Akhaya lase lizilungisele kwanyakenye nokuthi ukushisekela kwenu kuvusile iningi labo.
3. Kepha ngithumile abazalwane ukuba ukuzincoma kwethu ngani kungenziwa ize maqondana nalokhu, ukuze kuthi njengokusho kwami nibe senilungisele,
4. funa uma ngabe kufika kanye nami abaseMakedoniya, banifumane ningakabi nilungisele, sijabhe thina — singasaniphathi nina — ngaleli themba.
5. Ngalokho-ke bengithi kudingeka ukuba ngincenge abazalwane ukuba bandulele ukuza kini, balungisele ngaphambili isipho senu esathenjiswa ngaphambili, sona sihlale silungisiwe, sibe njengesesibusiso, singabi njengesokuncishana.
6. Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.
7. Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.
8. Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle,
9. njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Wahlaphaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade.”
10. Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu,
11. ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.
12. Ngokuba ukukhonza ngale nkonzo akuqedi kuphela ukuswela kwabangcwele, kepha futhi kuvamisa kakhulu ukumbonga uNkulunkulu ngabaningi,
13. lokhu ngokuvivinyeka kwale nkonzo badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela kokuvuma kwenu ivangeli likaKristu nangenxa yobuqotho bobudlelwane benu nabo, yebo, nabo bonke,
14. banilangazelele futhi ngokunikhulekela ngenxa yomusa omkhulu kakhulu kaNkulunkulu okini.
15. Makabongwe uNkulunkulu ngenxa yesipho sakhe esingakhulumekiyo.
About 2 Korinte Chapter 9
Read 2 Korinte Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Korinte in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 2 Korinte
Chapter: 9
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 Korinte. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 2 Korinte Chapter 9 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 2 Korinte Chapter 9?
2 Korinte Chapter 9 is part of the Book of 2 Korinte in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 2 Korinte Chapter 9 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 2-korinte
- 2 Korinte Chapter 12
- 2 Korinte Chapter 4
- 2 Korinte Chapter 13
- 2 Korinte Chapter 11
- 2 Korinte Chapter 5
- 2 Korinte Chapter 8
- 2 Korinte Chapter 6
Explore More from ITestamente Elisha
- 2 Petru Chapter 1
- Kolose Chapter 3
- 1 Korinte Chapter 15
- AmaRoma Chapter 15
- KumaHeberu Chapter 8
- Johane Chapter 21
- Filipi Chapter 2