Mathewu Chapter 4

For English

Read Mathewu Chapter 4 Online

Read Mathewu Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Mathewu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Mathewu and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Mathewu 4

Isahluko 4

1. Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.

2. Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.

3. Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.”

4. Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”

5. Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,

6. wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikuthwale ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ”

7. UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”

8. USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo;

9. wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.”

10. Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”

11. USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza.

12. Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile.

13. Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali

14. ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:

15. “Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali ngaselwandle ngaphesheya kweJordani, iGalile labezizwe,

16. isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.”

17. Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”

18. UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi.

19. Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.”

20. Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.

21. Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wababiza.

22. Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.

23. UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.

24. Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.

25. Izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile, naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.

About Mathewu Chapter 4

Read Mathewu Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Mathewu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Mathewu
Chapter: 4
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Mathewu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Mathewu Chapter 4 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Mathewu Chapter 4?

Mathewu Chapter 4 is part of the Book of Mathewu in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Mathewu Chapter 4 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elisha

  1. IsAmbulo Chapter 16
  2. IsAmbulo Chapter 10
  3. IsAmbulo Chapter 2
  4. IsAmbulo Chapter 3
  5. Mathewu Chapter 1
  6. IsAmbulo Chapter 7
  7. IsAmbulo Chapter 1

Explore More from mathewu

  1. Mathewu Chapter 24
  2. Mathewu Chapter 9
  3. Mathewu Chapter 2
  4. Mathewu Chapter 14
  5. Mathewu Chapter 21
  6. Mathewu Chapter 18
  7. Mathewu Chapter 6

Related Chapters & Readings

  1. Hezekeli Chapter 21
  2. AmaHubo Chapter 146
  3. Eksodusi Chapter 9
  4. 1 Korinte Chapter 14
  5. 2 AmaKhosi Chapter 2
  6. Isaya Chapter 51
  7. Jeremiya Chapter 36
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *