IsAmbulo Chapter 20

For English

Read IsAmbulo Chapter 20 Online

Read IsAmbulo Chapter 20 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IsAmbulo in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IsAmbulo and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

IsAmbulo 20

Isahluko 20

1. Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo.

2. Yambamba udrako, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,

3. yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana.

4. Ngase ngibona izihlalo zobukhosi; bahlala kuzo, banikwa ukwahlulela; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso, nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.

5. Abafileyo ababesele kabaphila yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane. Lokhu kungukuvuka kokuqala.

6. Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.

7. Nanxa isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane uyakukhululwa etilongweni lakhe,

8. aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, oGogi noMagogi, azibuthele ekulweni ezimumo wazo ungangesihlabathi solwandle.

9. Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba, zakaka ikamu labangcwele nomuzi othandiweyo; kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda;

10. noSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga; ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.

11. Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.

12. Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.

13. Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe.

14. Ukufa neHayidese kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo.

15. Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.

About IsAmbulo Chapter 20

Read IsAmbulo Chapter 20 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IsAmbulo in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: IsAmbulo
Chapter: 20
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IsAmbulo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading IsAmbulo Chapter 20 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is IsAmbulo Chapter 20?

IsAmbulo Chapter 20 is part of the Book of IsAmbulo in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete IsAmbulo Chapter 20 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from isambulo

  1. IsAmbulo Chapter 2
  2. IsAmbulo Chapter 3
  3. IsAmbulo Chapter 16
  4. IsAmbulo Chapter 7
  5. IsAmbulo Chapter 10
  6. IsAmbulo Chapter 1
  7. IsAmbulo Chapter 4

Explore More from ITestamente Elisha

  1. 2 Korinte Chapter 3
  2. IzEnzo Chapter 27
  3. KumaHeberu Chapter 10
  4. 2 Korinte Chapter 9
  5. Johane Chapter 3
  6. Mathewu Chapter 11
  7. Johane Chapter 4

Related Chapters & Readings

  1. 2 Korinte Chapter 8
  2. Jobe Chapter 15
  3. 1 IziKronike Chapter 1
  4. IsAmbulo Chapter 6
  5. Eksodusi Chapter 32
  6. IzAga Chapter 14
  7. AmaRoma Chapter 1
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *