IsAmbulo Chapter 8

For English

Read IsAmbulo Chapter 8 Online

Read IsAmbulo Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IsAmbulo in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IsAmbulo and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

IsAmbulo 8

Isahluko 8

1. Kuthe ukuba liluvule uphawu lwesikhombisa, kwathi du ezulwini kungathi inxenye yehora.

2. Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu, zanikwa amacilongo ayisikhombisa.

3. Kwase kufika enye ingelosi, yema ngase-altare inesitsha segolide sempepho, yanikwa impepho eningi ukuba iyelekele emikhulekweni yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.

4. Kwase kwenyuka esandleni sengelosi umusi wempepho nemikhuleko yabangcwele phambi kukaNkulunkulu.

5. Ingelosi yayisithabatha isitsha sempepho, yasigcwalisa ngomlilo wase-altare, yasiphonsa emhlabeni; kwase kuba khona ukuduma, namazwi, nemibani, nokuzamazama komhlaba.

6. Izingelosi eziyisikhombisa ezazinamacilongo ayisikhombisa zazilungiselela ukubetha.

7. Eyokuqala yayisibetha; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni; okwesithathu komhlaba kwasha kwaqothuka, nokwesithathu kwemithi kwasha kwaqothuka, nabo bonke utshani obuluhlaza basha baqothuka.

8. Ingelosi yesibili yayisibetha; kwangathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa elwandle; okwesithathu kolwandle kwaba yigazi,

9. kwafa okwesithathu kokudaliweyo okwakuselwandle okuphilayo, nokwesithathu kwemikhumbi kwabhujiswa.

10. Ingelosi yesithathu yayisibetha; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivuthisa okwesibani, yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi.

11. Igama lenkanyezi lithiwa uMhlonyane. Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, nabaningi kubantu bafa ngamanzi, ngokuba enziwa ababa.

12. Ingelosi yesine yayisibetha; kwashaywa okwesithathu kwelanga, nokwesithathu kwenyanga, nokwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kwakho kufiphazwe, nemini ingakhanyi okwesithathu kwayo, nobusuku ngokunjalo.

13. Ngase ngibona, ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu, lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: “Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngokunye ukukhala kwecilongo lezingelosi ezintathu ezisezakubetha!”

About IsAmbulo Chapter 8

Read IsAmbulo Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IsAmbulo in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: IsAmbulo
Chapter: 8
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IsAmbulo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading IsAmbulo Chapter 8 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is IsAmbulo Chapter 8?

IsAmbulo Chapter 8 is part of the Book of IsAmbulo in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete IsAmbulo Chapter 8 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from isambulo

  1. IsAmbulo Chapter 2
  2. IsAmbulo Chapter 16
  3. IsAmbulo Chapter 10
  4. IsAmbulo Chapter 3
  5. IsAmbulo Chapter 7
  6. IsAmbulo Chapter 1
  7. IsAmbulo Chapter 14

Explore More from ITestamente Elisha

  1. Luka Chapter 12
  2. 2 Thimothewu Chapter 1
  3. 2 Korinte Chapter 11
  4. KumaHeberu Chapter 8
  5. EkaJakobe Chapter 5
  6. 2 Korinte Chapter 9
  7. IsAmbulo Chapter 10

Related Chapters & Readings

  1. 2 Samuweli Chapter 4
  2. IzEnzo Chapter 16
  3. AbAhluleli Chapter 8
  4. AmaHubo Chapter 113
  5. AmaHubo Chapter 99
  6. 2 AmaKhosi Chapter 16
  7. Zakariya Chapter 13
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *