Read IsAmbulo Chapter 5 Online
Read IsAmbulo Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IsAmbulo in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IsAmbulo and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
IsAmbulo 5
Isahluko 5
1. Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa.
2. Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?”
3. Kwakungekho namunye ezulwini, nasemhlabeni, nangaphansi komhlaba owayenamandla okuyivula incwadi, abuke kuyo.
4. Ngakhala kakhulu ngokuba kungafunyanwanga namunye ofanele ukuyivula leyo ncwadi, abuke kuyo.
5. Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuba ivule incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa.”
6. Ngase ngibona ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine nangaphakathi kwamalunga kumi iWundlu kungathi lihlatshiwe, linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.
7. Leza, layithabatha esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi.
8. Kuthe seliyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, kuyilelo nalelo linehabhu nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.
9. Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,
10. wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.”
11. Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezidalwa, namalunga, nomumo wazo wawuyizigidi zezigidi nezinkulungwane zezinkulungwane,
12. zithi ngezwi elikhulu: “Lifanele iWundlu elahlatshwayo ukwamukela amandla nengcebo, nokuhlakanipha, nokunqoba, nodumo, nenkazimulo, nesibusiso.”
13. Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi: “Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.”
14. Nezidalwa ezine zathi: “Amen,” namalunga awa phansi, akhuleka.
About IsAmbulo Chapter 5
Read IsAmbulo Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IsAmbulo in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: IsAmbulo
Chapter: 5
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IsAmbulo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading IsAmbulo Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is IsAmbulo Chapter 5?
IsAmbulo Chapter 5 is part of the Book of IsAmbulo in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete IsAmbulo Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from isambulo
- IsAmbulo Chapter 2
- IsAmbulo Chapter 3
- IsAmbulo Chapter 16
- IsAmbulo Chapter 7
- IsAmbulo Chapter 10
- IsAmbulo Chapter 1
- IsAmbulo Chapter 14
Explore More from ITestamente Elisha
- 2 Petru Chapter 1
- AmaRoma Chapter 15
- AmaRoma Chapter 1
- Mathewu Chapter 12
- 1 Korinte Chapter 6
- Johane Chapter 16
- 2 Thimothewu Chapter 2