Read KumaHeberu Chapter 5 Online
Read KumaHeberu Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of KumaHeberu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of KumaHeberu and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
KumaHeberu 5
Isahluko 5
1. Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu okhethwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono;
2. angabekezelela abangazi lutho nabadukayo, lokhu naye uzungeziwe ngubuthakathaka;
3. ngenxa yabo kufanele ukuba, njengalokhu enikela ngezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe.
4. Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kuphela obizelwa kuso nguNkulunkulu njengo-Aroni.
5. Kanjalo noKristu akazidumisanga yena aze abe ngumpristi omkhulu, kepha wadunyiswa nguye owakhuluma kuye, wathi: “UyiNdodana yami wena, namuhla ngikuzele,”
6. njengokuba esho nakwenye indawo ngokuthi: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki,”
7. owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.
8. Noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho;
9. esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo,
10. ebizwa nguNkulunkulu ukuthi umpristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki.
11. Sinokuningi esingakusho ngalokho, okulukhuni ukuchasisela, lokhu senaba buthuntu ekuzweni.
12. Ngokuba noma benifanele ukuba nibe ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu; senaba ngabadinga ubisi, kungesikho ukudla okuqinileyo.
13. Ngokuba lowo odla ubisi akakaqondi lutho lwezwi lokulunga, ngokuba uyingane.
14. Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.
About KumaHeberu Chapter 5
Read KumaHeberu Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of KumaHeberu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: KumaHeberu
Chapter: 5
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading KumaHeberu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading KumaHeberu Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is KumaHeberu Chapter 5?
KumaHeberu Chapter 5 is part of the Book of KumaHeberu in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete KumaHeberu Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elisha
- Mathewu Chapter 1
- Mathewu Chapter 3
- Mathewu Chapter 17
- Mathewu Chapter 4
- Mathewu Chapter 13
- Mathewu Chapter 8
- Mathewu Chapter 20
Explore More from kumaheberu
- KumaHeberu Chapter 8
- KumaHeberu Chapter 7
- KumaHeberu Chapter 13
- KumaHeberu Chapter 11
- KumaHeberu Chapter 3
- KumaHeberu Chapter 10
- KumaHeberu Chapter 12