Mathewu Chapter 6

For English

Read Mathewu Chapter 6 Online

Read Mathewu Chapter 6 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Mathewu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Mathewu and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Mathewu 6

Isahluko 6

1. “Kepha qaphelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini.

2. “Ngakho-ke nxa wabela isipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.

3. Kepha wena, nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene,

4. ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.

5. “Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.

6. Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.

7. Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.

8. Ngakho-ke maningafani nabo; ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakaceli kuye.

9. Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;

10. mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini;

11. usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla;

12. usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi;

13. ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’

14. “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.

15. Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.

16. Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukumali njengabazenzisi; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.

17. Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho,

18. ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile kodwa kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.

19. “Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe.

20. Kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala, nalapho amasela engafohli khona, ebe.

21. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.

22. “Isibani somzimba yiso. Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke.

23. Kepha uma iso lakho lilibi, uzakuba mnyama umzimba wakho wonke. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, ubumnyama bukhulu kangakanani!

24. “Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.

25. “Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na? 6:25 Luk. 12:22; Fil. 4:6; Heb. 13:5; 1 Pet. 5:7.

26. Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na? 6:26 AmaH. 147:9; Luk. 12:6.

27. Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na?

28. “Nikhathazekelani ngesambatho na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi;

29. kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.

30. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?

31. Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’

32. Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu.

33. Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.

34. Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.

About Mathewu Chapter 6

Read Mathewu Chapter 6 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Mathewu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Mathewu
Chapter: 6
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Mathewu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Mathewu Chapter 6 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Mathewu Chapter 6?

Mathewu Chapter 6 is part of the Book of Mathewu in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Mathewu Chapter 6 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elisha

  1. IsAmbulo Chapter 16
  2. Mathewu Chapter 1
  3. IsAmbulo Chapter 10
  4. IsAmbulo Chapter 3
  5. IsAmbulo Chapter 2
  6. IsAmbulo Chapter 7
  7. IsAmbulo Chapter 1

Explore More from mathewu

  1. Mathewu Chapter 27
  2. Mathewu Chapter 2
  3. Mathewu Chapter 21
  4. Mathewu Chapter 4
  5. Mathewu Chapter 25
  6. Mathewu Chapter 24
  7. Mathewu Chapter 19

Related Chapters & Readings

  1. Hezekeli Chapter 33
  2. Jeremiya Chapter 38
  3. AmaHubo Chapter 49
  4. Mathewu Chapter 22
  5. 1 Thesalonika Chapter 1
  6. Joshuwa Chapter 10
  7. 1 AmaKhosi Chapter 4
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *