Read KumaHeberu Chapter 13 Online
Read KumaHeberu Chapter 13 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of KumaHeberu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of KumaHeberu and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
KumaHeberu 13
Isahluko 13
1. Malume njalo uthando lobuzalwane.
2. Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.
3. Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni.
4. Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.
5. Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”
6. ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?”
7. Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.
8. UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.
9. Ningadukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo; ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla, abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho.
10. Sine-altare thina, abangenalungelo lokudla kulo abakhonza etabernakele.
11. Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yezono zishiswa ngaphandle kwekamu.
12. Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.
13. Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu, sithwale ihlazo lakhe.
14. Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo.
15. Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.
16. Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.
17. Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.
18. Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.
19. Ngiyaniyala kakhulu ukuba nenze lokho, ukuze ngibuyiselwe kini masinyane.
20. Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu,
21. makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
22. Ngiyaniyala, bazalwane, lamukeleni kahle izwi lokuyala, ngokuba nginilobele ngokufushane.
23. Yazini ukuthi umfowethu uThimothewu ukhululiwe; uma efika masinyane, ngiyakunibona sinaye.
24. Khonzani kubo bonke abaniholayo nakubo bonke abangcwele. Abase-Italiya bayakhonza kini.
25. Umusa mawube nani nonke. Amen.
About KumaHeberu Chapter 13
Read KumaHeberu Chapter 13 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of KumaHeberu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: KumaHeberu
Chapter: 13
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading KumaHeberu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading KumaHeberu Chapter 13 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is KumaHeberu Chapter 13?
KumaHeberu Chapter 13 is part of the Book of KumaHeberu in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete KumaHeberu Chapter 13 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elisha
- IsAmbulo Chapter 16
- Mathewu Chapter 1
- IsAmbulo Chapter 10
- IsAmbulo Chapter 3
- IsAmbulo Chapter 2
- IsAmbulo Chapter 7
- IsAmbulo Chapter 1
Explore More from kumaheberu
- KumaHeberu Chapter 7
- KumaHeberu Chapter 1
- KumaHeberu Chapter 2
- KumaHeberu Chapter 5
- KumaHeberu Chapter 12
- KumaHeberu Chapter 3
- KumaHeberu Chapter 4