Read Galathiya Chapter 4 Online
Read Galathiya Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Galathiya in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Galathiya and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Galathiya 4
Isahluko 4
1. Kepha ngithi ngesikhathi indlalifa iseyingane, kayahlukile ngalutho encekwini, ingani iyinkosi yakho konke;
2. kodwa iphansi kwabaphathi nababonisi, kuze kube yisikhathi esamiswa nguyise ngaphambili.
3. Kanjalo nathi, lapho siseyizingane, sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe;
4. kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,
5. ukuze ihlenge abaphansi komthetho ukuba samukele ukuma kwamadodana.
6. Lokhu ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!”
7. Njalo-ke awuseyiyo inceku, kepha usuyindodana; kepha uma uyindodana, uyindlalifa futhi ngaye uNkulunkulu.
8. Kepha ngaleso sikhathi ningamazi uNkulunkulu naniyizigqila phansi kwalabo abangesibo onkulunkulu ngemvelo;
9. kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?
10. Nigcina izinsuku, nezinyanga, nezikhathi, neminyaka.
11. Nginovalo ngani ukuthi mhlawumbe nginihluphekele ngeze.
12. Yibani njengami, ngokuba nami nginjengani; bazalwane, ngiyanincenga. Aningonanga ngalutho;
13. kepha niyazi ukuthi kwaba ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala,
14. nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga, aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, ngokungathi nginguKristu Jesu.
15. Pho, sekwayaphi ukuzihalalisela kwenu na? Ngokuba ngiyanifakazela ngokuthi, uma kwakungenzeka, nanizakukhipha amehlo enu, ninginike wona.
16. Konje sengaba yisitha kini ngokunishumayeza iqiniso na?
17. Banishisekela ngokungekuhle, yebo, bafuna ukunivalela ngaphandle, ukuze nishisekele bona.
18. Kepha kuhle ukushisekelelwa ngento enhle njalonjalo, kungabi nxa ngikhona kini kuphela,
19. bantwana bami, enginemihelo futhi ngani, uKristu aze abunjwe phakathi kini;
20. kepha bengingathanda ngibe khona kini manje, ngiguqule izwi lami, ngokuba ngididekile ngani.
21. Ngitsheleni nina enithanda ukuba phansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na?
22. Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye kuso isigqilakazi nenye kokhululekileyo.
23. Kodwa eyesigqilakazi izelwe ngokwenyama, kepha eyokhululekileyo izelwe ngesithembiso.
24. Lokhu kungukufanekisa; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili, esinye ngesasentabeni yaseSinayi, esizalela ubugqila, esinguHagari.
25. Kepha uHagari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo.
26. Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.
27. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Thokoza wena nyumba ongazaliyo; mpompoloza wena ongenamihelo; ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabakhe onendoda.”
28. Kepha nina bazalwane, njengo-Isaka ningabantwana besithembiso.
29. Kepha njengakuleso sikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo-ke namanje.
30. Kodwa umbhalo uthini na? Uthi: “Xosha isigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yesigqilakazi ayisoze yalidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.”
31. Ngakho-ke, bazalwane, asisibo abantwana besigqilakazi, singabokhululekileyo.
About Galathiya Chapter 4
Read Galathiya Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Galathiya in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Galathiya
Chapter: 4
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Galathiya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Galathiya Chapter 4 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Galathiya Chapter 4?
Galathiya Chapter 4 is part of the Book of Galathiya in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Galathiya Chapter 4 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from galathiya
Explore More from ITestamente Elisha
- Luka Chapter 4
- Luka Chapter 1
- Mathewu Chapter 10
- 1 Thimothewu Chapter 2
- KuFilemoni Chapter 1
- Filipi Chapter 2
- IzEnzo Chapter 14