Read Daniyeli Chapter 12 Online
Read Daniyeli Chapter 12 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Daniyeli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Daniyeli and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Daniyeli 12
Isahluko 12
1. “Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.
2. Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.
3. Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.
4. Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.”
5. Ngase ngibona mina Daniyeli; bheka, kwakumi abanye ababili, omunye ogwini lomfula nganeno, omunye ogwini lomfula ngaphesheya.
6. Omunye wathi kumuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula: “Kuyakuba nini ukuphela kwalezi zimangaliso na?”
7. Ngezwa umuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.
8. Ngakuzwa, kepha angiqondanga; bese ngithi: “Nkosi yami, ukuphela kwalokho kuyakuba yini na?”
9. Wathi: “Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avalelwe, anamathelisiwe kuze kube sesikhathini sokugcina.
10. Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi, kodwa akayikuqonda noyedwa omubi; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.
11. “Kusukela esikhathini sokususwa komnikelo oshiswa imihla yonke nokumiswa kwesinengiso esichithayo kuyakuba yizinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisishiyagalolunye.
12. Ubusisiwe olindayo afinyelele ezinsukwini eziyinkulungwane namakhulu amathathu namashumi amathathu nanhlanu.
13. “Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni; usuphumulile uyakuma esabelweni sakho ngasekupheleni kwezinsuku.”
About Daniyeli Chapter 12
Read Daniyeli Chapter 12 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Daniyeli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Daniyeli
Chapter: 12
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Daniyeli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Daniyeli Chapter 12 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Daniyeli Chapter 12?
Daniyeli Chapter 12 is part of the Book of Daniyeli in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Daniyeli Chapter 12 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from daniyeli
- Daniyeli Chapter 6
- Daniyeli Chapter 2
- Daniyeli Chapter 1
- Daniyeli Chapter 10
- Daniyeli Chapter 11
- Daniyeli Chapter 3
- Daniyeli Chapter 9
Explore More from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 100
- Levitikusi Chapter 15
- 2 IziKronike Chapter 35
- AbAhluleli Chapter 19
- Hezekeli Chapter 48
- Malaki Chapter 3
- IsiLilo Chapter 3