Marku Chapter 8

For English

Read Marku Chapter 8 Online

Read Marku Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Marku in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Marku and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Marku 8

Isahluko 8

1. Ngalezo zinsuku sekukhona futhi isixuku esikhulu singenakudla, wabiza abafundi bakhe, wathi kubo:

2. “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla.

3. Uma ngibamukisa, baye ekhaya bengadlanga, bayakuphela amandla endleleni, ngokuba abanye babo bavela kude.”

4. Abafundi bakhe bamphendula bathi: “Umumtu angatholaphi lapha ehlane izinkwa zokusuthisa laba na?”

5. Wababuza wathi: “Ninezinkwa ezingaki na?” Bathi: “Eziyisikhombisa.”

6. Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe ukuba bababele; basabela isixuku.

7. Babe nezinhlanzana eziyingcosana futhi; esezibusisile wathi abababele nazo.

8. Badla, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa.

9. Babengathi izinkulungwane ezine; wabamukisa.

10. Wayesengena masinyane emkhunjini kanye nabafundi bakhe, weza ezweni laseDalmanutha.

11. Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.

12. Wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.”

13. Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya.

14. Kepha babekhohliwe ukuphatha izinkwa, bengenalutho, isinkwa sisinye kuphela emkhunjini.

15. Wayesebayala ethi: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode.”

16. Baphendulana bodwa, bathi abanazinkwa.

17. UJesu ekwazi wathi kubo: “Yini ukuba niphendulane ngokuthi aninazinkwa na? Anikaboni, anikaqondi, na? Inhliziyo yenu iselukhuni na?

18. Ninamehlo aniboni yini, ninezindlebe anizwa na? Anikhumbuli yini

19. mhla ngihlephulela abayizinkulungwane eziyisihlanu izinkwa eziyisihlanu ukuthi nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?” Bathi kuye: “Ishumi nambili.”

20. “Mhla ziyisikhombisa kwaba yizinkulungwane ezine, nabutha amaqoma amangaki agcwele imvuthuluka na?” Bathi: “Isikhombisa.”

21. Wathi kubo: “Anikaqondi na?”

22. Bafika eBetsayida. Base beletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayiphathe.

23. Wayibamba impumputhe ngesandla, wayiholela ngaphandle komuzi, wafela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla phezu kwayo, wayibuza wathi: “Ubona utho na?”

24. Yabheka, yathi: “Ngibona abantu, ngibabona behamba; kungathi yizihlahla.”

25. Khona waphinda wabeka izandla phezu kwamehlo ayo, yabhekisisa, yasinda, yabonisisa konke.

26. Wayithumela ekhaya layo, wathi: “Ungangeni emzini wabantu.”

27. UJesu wayesephuma kanye nabafundi bakhe, waya emizini yaseKesariya Filipi. Besendleleni, wababuza abafundi bakhe, wathi kubo: “Abantu bathi ngingubani na?”

28. Bamtshela bathi: “UJohane uMbhapathizi;” abanye bathi: “Ngu-Eliya;” abanye bathi: “Ngomunye wabaprofethi.”

29. Wayesebabuza ethi: “Nina-ke nithi ngingubani na?” UPetru waphendula, wathi kuye: “Wena unguKristu.”

30. Wabayalisisa ukuba bangatsheli muntu ngaye.

31. Khona waqala ukubafundisa ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe emva kwezinsuku ezintathu.

32. Leli zwi walikhuluma ngokusobala. UPetru wamthatha, waqala ukumkhuza.

33. Kepha waphenduka, wabheka abafundi bakhe, wamkhuza uPetru, wathi: “Buyela emva kwami, Sathane, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.”

34. Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.

35. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli uyakukusindisa.

36. Ngokuba kuyakumsizani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe, na?

37. Yingabe angakhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?

38. Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”

About Marku Chapter 8

Read Marku Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Marku in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Marku
Chapter: 8
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Marku. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Marku Chapter 8 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Marku Chapter 8?

Marku Chapter 8 is part of the Book of Marku in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Marku Chapter 8 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elisha

  1. Mathewu Chapter 1
  2. Mathewu Chapter 3
  3. Mathewu Chapter 17
  4. Mathewu Chapter 8
  5. Mathewu Chapter 4
  6. Mathewu Chapter 16
  7. Mathewu Chapter 12

Explore More from Marku

  1. Marku Chapter 6
  2. Marku Chapter 4
  3. Marku Chapter 10
  4. Marku Chapter 1
  5. Marku Chapter 5
  6. Marku Chapter 15
  7. Marku Chapter 11

Related Chapters & Readings

  1. AmaHubo Chapter 7
  2. IzAga Chapter 2
  3. IsiLilo Chapter 4
  4. 2 IziKronike Chapter 31
  5. Efesu Chapter 2
  6. IsiLilo Chapter 2
  7. Jeremiya Chapter 37
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *