1 Korinte Chapter 2

For English

Read 1 Korinte Chapter 2 Online

Read 1 Korinte Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Korinte in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 Korinte and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

1 Korinte 2

Isahluko 2

1. Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezele kini ubufakazi bukaNkulunkulu.

2. Ngokuba nganquma ukuthi angiyikwazi okunye phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, lowo obethelwe esiphambanweni.

3. Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu;

4. nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla,

5. ukuze ukukholwa kwenu kungemi ngokuhlakanipha kwabantu, kume ngamandla kaNkulunkulu.

6. Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha kambe okungesikho okwalesi sikhathi nokwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo.

7. Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade,

8. okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo;

9. kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”

10. Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.

11. Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu.

12. Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa,

13. esikhuluma ngakho futhi, kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya.

14. Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokomoya.

15. Kepha ongowomoya ubonisisa konke, kodwa yena kabonisiswa muntu.

16. Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.

About 1 Korinte Chapter 2

Read 1 Korinte Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Korinte in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 1 Korinte
Chapter: 2
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 Korinte. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 1 Korinte Chapter 2 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 1 Korinte Chapter 2?

1 Korinte Chapter 2 is part of the Book of 1 Korinte in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 1 Korinte Chapter 2 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 1 Korinte

  1. 1 Korinte Chapter 1
  2. 1 Korinte Chapter 7
  3. 1 Korinte Chapter 16
  4. 1 Korinte Chapter 10
  5. 1 Korinte Chapter 8
  6. 1 Korinte Chapter 6
  7. 1 Korinte Chapter 12

Explore More from ITestamente Elisha

  1. 2 Thesalonika Chapter 2
  2. EkaJakobe Chapter 1
  3. AmaRoma Chapter 14
  4. Galathiya Chapter 5
  5. Johane Chapter 17
  6. Marku Chapter 15
  7. Luka Chapter 3

Related Chapters & Readings

  1. AmaRoma Chapter 14
  2. Marku Chapter 8
  3. 2 Samuweli Chapter 3
  4. Johane Chapter 19
  5. Luka Chapter 18
  6. 1 Thesalonika Chapter 5
  7. IsiLilo Chapter 2
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *