Read 1 Korinte Chapter 12 Online
Read 1 Korinte Chapter 12 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Korinte in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 Korinte and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
1 Korinte 12
Isahluko 12
1. Kepha maqondana neziphiwo zokomoya angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi.
2. Niyazi ukuthi nisengabezizwe naholekela kuzo izithombe eziyizimungulu, nakuba naholwa kanjalo.
3. Ngakho ngiyanazisa ukuthi: Akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Kathukwe uJesu;” futhi akukho muntu ongathi: “UJesu uyiNkosi,” kuphela ngaye uMoya oNgcwele.
4. Kepha kukhona iziphiwo zomusa ezahlukeneyo, kepha nguye lowo Moya.
5. Kukhona izinkonzo ezahlukeneyo, kepha yiyo leyo Nkosi.
6. Kukhona imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, kepha nguye lowo Nkulunkulu osebenza konke kubo bonke.
7. Kepha yilowo nalowo uphiwa okubonakalisa uMoya kube ngokokusiza.
8. Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya,
9. omunye ukukholwa kuye lowo Moya, omunye iziphiwo zokuphulukisa kuye uMoya munye,
10. omunye ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuprofetha, omunye ukwahlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi.
11. Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe.
12. Ngokuba njengomzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu.
13. Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.
14. Ngokuba umzimba awusiso isitho sinye kodwa eziningi.
15. Uma unyawo luthi: “Lokhu ngingesiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho luyikho okomzimba.
16. Noma indlebe ithi: “Lokhu ngingesilo iso, angisikho okomzimba,” nokho iyikho okomzimba.
17. Uma umzimba wonke ubuyiso, ukuzwa ngabe kuphi na? Uma wonke ubungukuzwa, ukunuka ngabe kuphi na?
18. Kepha kalokhu uNkulunkulu umisile izitho zonke, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe.
19. Uma kambe zonke ziyisitho sinye, umzimba ngabe uphi na?
20. Kepha kalokhu izitho ziningi, kodwa umzimba munye.
21. Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.”
22. Kanti ngempela lezo zitho zomzimba ezingathi zibuthakathaka kunezinye ziyadingeka;
23. nalezo zitho zomzimba ezingathi zidelelekile kunezinye, yizona esizazisa kakhulu; nalezo esinamahloni ngazo zihlonipheka kakhulu.
24. Kanti lezo ezinesimo esihle azikudingi lokho. Kepha uNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba, enika esidelelekileyo udumo olukhulu kakhulu,
25. ukuze kungabikho ukwahlukana emzimbeni, kepha izitho zonke zinakekelane ngokufanayo.
26. Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso.
27. Kepha nina ningumzimba kaKristu nezitho ngabanye.
28. UNkulunkulu umisile abathile ebandleni, kuqala abaphostoli, okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yimisebenzi yamandla, bese kuba yiziphiwo zomusa zokuphulukisa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi.
29. Bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaprofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na?
30. Bonke baneziphiwo zomusa zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na?
31. Kepha zondelelani iziphiwo ezinkulu. Kanti senginikhombisa indlela eyona iyinhle kakhulu.
About 1 Korinte Chapter 12
Read 1 Korinte Chapter 12 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Korinte in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 1 Korinte
Chapter: 12
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 Korinte. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 1 Korinte Chapter 12 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 1 Korinte Chapter 12?
1 Korinte Chapter 12 is part of the Book of 1 Korinte in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 1 Korinte Chapter 12 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 1 Korinte
- 1 Korinte Chapter 1
- 1 Korinte Chapter 7
- 1 Korinte Chapter 16
- 1 Korinte Chapter 10
- 1 Korinte Chapter 8
- 1 Korinte Chapter 6
- 1 Korinte Chapter 9
Explore More from ITestamente Elisha
- IzEnzo Chapter 19
- 2 Thimothewu Chapter 2
- Mathewu Chapter 27
- Mathewu Chapter 2
- KuThithu Chapter 1
- Marku Chapter 6
- Marku Chapter 2